Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




IzEnzo 5:19 - IsiZulu 2020

Kepha ingelosi yeNkosi yavula iminyango yejele ebusuku; isibakhiphile, yathi:

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Kepha ingelosi yeNkosi yavula iminyango yetilongo ebusuku, yabakhipha, yathi:

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Kepha ingelosi yeNkosi ebusuku yavula iminyango yetilongo, yabakhipha, yathi:

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Kepha ingelosi yeNkosi ebusuku yavula iminyango yetilongo, yabakhipha, yathi:

Uka jalj uñjjattʼäta



IzEnzo 5:19
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Obenzela ubulungiswa abacindezelweyo, opha abalambileyo ukudla, uSimakade uyazikhulula iziboshwa.


Ingelosi kaSimakade ikanisa nxazonke kulabo abamesabayo, ibakhulule.


UMoya weNkosi uSimakade uphezu kwami, ngokuba uSimakade ungigcobile ukuba ngishumayele izindaba ezinhle kwabathotshisiweyo; ungithumele ukubopha abanhliziyo zaphukile, ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo, nokudedelwa kweziboshwa ejele.


UNebukhadinezari wakhuluma, wathi: “Makabongwe uNkulunkulu woShadirakhi, uMeshakhi, no-Abhedi Nego, othumele ingelosi yakhe, wakhulula izinceku zakhe ebezimethemba, zanikela imizimba yazo ukuba zingakhonzi, zingakhuleki nakoyedwa unkulunkulu, kuphela uNkulunkulu wazo, zalishaya indiva izwi lenkosi.


Kuthe esazindla ngalokhu; bheka kwabonakala kuye ingelosi yeNkosi ephusheni, ithi: “Josefa, ndodana kaDavide, ungesabi ukumthatha uMariya abe ngumkakho, ngokuba lokho akukhulelweyo kungokukaMoya oNgcwele.


UJosefa esevukile ebuthongweni, wenza njengalokhu imyalile ingelosi yeNkosi, wamthatha umkakhe;


Kuthe sezihambile izazi; bheka, ingelosi yeNkosi yabonakala kuJosefa ngephupho, yathi: “Vuka uthathe umntwana nonina, ubalekele eGibhithe, uhlale khona, ngize ngikutshele, ngokuba uHerode uzakumfuna umntwana ukuze ambulale.”


Esekhotheme uHerode; bheka, ingelosi yeNkosi yabonakala ngephupho kuJosefa eGibhithe,


Kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, ngokuba ingelosi yeNkosi yehla ezulwini, yeza, yaligingqa itshe, yahlala phezu kwalo.


Kwabonakala kuye ingelosi yeNkosi imi ngakwesokunene se-althare lempepho.


Ingelosi yeNkosi yabonakala kubo, inkazimulo yeNkosi yabakhanyisa nxazonke; bagcwala ukwesaba okukhulu.


Waba nombono lapho abona kuwo ngokusobala ingelosi kaNkulunkulu ifika kuye, cishe ngehora lesishiyagalolunye emini, ithi: “Khorneliyu!”


Kepha ingelosi yeNkosi yamshaya khona lapho, ngokuba engamnikanga uNkulunkulu udumo; wadliwa yizimpethu, wafa.


Ngokuphazima kweso kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, kwaze kwanyakaza nezisekelo zejele; masinyane yonke iminyango yavuleka, namaketango ababeboshwe ngawo, athukululeka.


Ngokuba ngalobu busuku bekumi ngakimi ingelosi kaNkulunkulu engingowakhe nengimkhonzayo,


Ingelosi yeNkosi yakhuluma kuFiliphu, yathi: “Suka uye ngaseningizimu, endleleni ephuma eJerusalema yehlele eGaza, le ndawo iyihlane.”