IzEnzo 26:16 - IsiZulu 2020 Sukuma ume ngezinyawo zakho, ngokuba ngibonakele kuwe ukuze ngikubeke ube yisikhonzi nofakazi walokhu, wokuthi ungibonile nowalokho engizakuzibonakalisa kuwe ngakho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha sukuma, ume ngezinyawo zakho; ngokuba ngibonakele kuwe ngalokho ukuba ngikumise ube yisikhonzi nofakazi walokhu kungibona kwakho nowalokhu engizakuzibonakalisa kuwe ngakho, Baasraak Zulu New Testament Bible Kepha sukuma, ume ngezinyawo zakho, ngokuba ngibonakale kuwe ngalokho ukuba ngikwenze ube yisikhonzi nofakazi walezi zinto ozibonileyo nowalezo zinto engizakuzibonakalisa kuwe ngazo; Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha sukuma, ume ngezinyawo zakho, ngokuba ngibonakale kuwe ngalokho ukuba ngikwenze ube yisikhonzi nofakazi walezi zinto ozibonileyo nowalezo zinto engizakuzibonakalisa kuwe ngazo; |
Wathi kimi: “Daniyeli, wena muntu othandekayo, qonda amazwi engiwakhuluma kuwe, ume nokuma, ngokuba ngithunywe kuwe;” lapho esekhulumile leli lizwi kimi, ngema ngithuthumela.
njengalokhu basinika zona labo ababekhona kwasekuqaleni, bezibonela ngamehlo, futhi beyizikhonzi zezwi,
ukuba athathe indawo kulo msebenzi nobuphostoli obulaxazwe nguJuda, waya endaweni yakhe.”
Kepha ukuphila kwami ngikushaya indiva ukuze kungabi yigugu kimi; okubalulekile ukuba ngiluphothule uhambo lwami nomsebenzi engawunikwa yiNkosi uJesu ukuba ngifakaze ngevangeli lomusa kaNkulunkulu.
UPawula esewabingelele, wawalandisa ngakho konke, ngakunye ngakunye, uNkulunkulu ayekwenze kwabezizwe ngenkonzo yakhe.
“Ngathi: ‘Ngizakwenzani, Nkosi, na?’ “INkosi yayisithi kimi: ‘Sukuma, uye eDamaseku, uzotshelwa lapho konke okubekelwe ukuba ukwenze.’
Ngobusuku obulandelayo iNkosi yema ngakuye, yathi: “Yima isibindi; njengokuba ufakaze ngami eJerusalema, kanjalo umelwe ukufakaza naseRoma.”
“Kepha ngathi: ‘Ungubani, Nkosi, na?’ INkosi yathi: ‘Mina nginguJesu omhluphayo.
okungaye samukela umusa nobuphostoli ukuze kube khona ukulalela kokukholwa ezizweni zonke ngenxa yegama lakhe,
ukuze ngibe yisikhonzi sikaKhristu uJesu kwabezizwe, ngikhonze ivangeli likaNkulunkulu emsebenzini ongcwele, ukuze abezizwe babe ngumnikelo owamukelekayo, sebengcweliswe nguMoya oNgcwele.
Konke lokho kuvela kuNkulunkulu owenza ukuba sibuyisane naye ngoKhristu, wasinika inkonzo yokubuyisana,
Nami angilemukeliswanga ngumuntu, futhi angilifundiswanga, kodwa ngalemukela ngokwambulelwa nguJesu Khristu.
Ngakhuphuka ngenxa yesambulo, ngabalandisa ivangeli engilishumayelayo phakathi kwabezizwe. Kepha lokho ngakukhuluma sesisodwa nalabo abadumileyo, funa mhlawumbe ngigijimele ize, noma sengaligijimela.
ukuthi wangambulela ngesambulo imfihlakalo, njengoba nganilobela kafushane ngaphambilini;
uma kambe nihlala ekukholweni, nisekeliwe, nigxilile, futhi ningagudluzwa ethembeni levangeli enalizwayo, elashunyayelwa kukho konke okudaliweyo okuphansi kwezulu, engenziwa isikhonzi salo mina Phawula.
engenziwe isikhonzi salo ngokwesimiso sikaNkulunkulu owanginika sona maqondana nani, ukuze ligcwaliseke izwi likaNkulunkulu,
njengalokhu nafunda ku-Ephafra othandekayo, oyinceku kanye nathi, isikhonzi esethembekileyo sikaKhristu ngenxa yenu;
Sathumela uThimothewu umzalwane wethu, isikhonzi sikaNkulunkulu kanye nathi evangelini likaKhristu, ukuba aniqinise, anikhuthaze ekukholweni kwenu,
Ngiyambonga uKhristu uJesu iNkosi yethu owangipha amandla, wangibona ngethembekile, wangiqokela emsebenzini wakhe,
Uma ubayala abazalwane ngalokhu, uyakuba yisikhonzi esihle sikaKhristu uJesu, wondliwe ngamazwi okukholwa nemfundiso enhle oyilandelayo.
Kepha wena zithibe ezintweni zonke, ubekezele ebunzimeni, wenze umsebenzi womvangeli, futhi uwufeze umsebenzi wakho ngokupheleleyo.