IzEnzo 26:11 - IsiZulu 2020 Emasinagogeni wonke, kukaningi ngibajezisa, ngibaphoqa ukuba bahlambalaze; ngibathukuthelele kakhulu, ngibahlupha kwaze kwaba semizini yabezizwe.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Nasemasinagogeni* onke kaningi ngabajezisa ngibacindezela ukuba bahlambalaze; ngahlanya kakhulu ngabo, ngibazingela kwaze kwaba semizini yabezizwe. Baasraak Zulu New Testament Bible Nasemasinagogeni onke ngabajezisa kaningi, ngibacindezela ukuba bahlambalaze; futhi njengoba ngibathukuthelele kakhulu, ngabazingela kwaze kwaba semizini yabezizwe. Contemporary Zulu Bible 2024 Nasemasinagogeni onke ngabajezisa kaningi, ngibacindezela ukuba bahlambalaze; futhi njengoba ngibathukuthelele kakhulu, ngabazingela kwaze kwaba semizini yabezizwe. |
Nabu ububi obukukho konke okwenzeka phansi komthunzi welanga: bonke behlelwa yinto efanayo; izinhliziyo zabo bonke abantu zigcwele ububi, ukuhlanya kukuzo besaphila, emuva kwalokho baya kwabafileyo.
“Kepha xwayani abantu, ngokuba bayakunikhaphela ezigcawini zokwehlulela, banishaye emasinagogeni abo.
“Ngakho-ke ziqapheleni nina. Bayakunikhaphela emikhandlwini, nishaywe emasinagogeni, nimiswe phambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube ngubufakazi kubo.
Ngiqinisile ngithi kini: abantwana babantu bayakuthethelelwa izono zonke nokuhlambalaza, noma ngabe kungakanani abangahlambalaza ngakho,
“Kuthe sekubuye umqondo, yathi: ‘Kambe bangaki abaqashwe ngubaba abadla baze bakubuke, mina ngibe ngibulawa yindlala lapha na?
“Kepha kungakenzeki konke lokho, bayakunibamba, banihluphe, banikhaphele emasinagogeni nasemajele, baniyise phambi kwamakhosi nababusi ngenxa yegama lami.
Bathukuthela bathelwa ngamanzi, bakhuluma bodwa bebonisana ukuthi bangamenzenjani uJesu.
Kepha abaJuda, bebona izixuku, bagcwala umona baqala ukuphikisana nokwakushiwo nguPawula futhi behlambalaza.
Kepha bamphikisa, behlambalaza, wayesethintitha izingubo zakhe, wathi kubo: “Igazi lenu malibe phezu kwamakhanda enu, mina anginacala; kusukela manje ngizakuya kwabezizwe.”
“Mina ngathi: ‘Nkosi, bayazi bona uqobo ukuthi yimina engangibabopha, ngibashaya emasinagogeni labo abakholwa nguwe,
njengoba nomphristi omkhulu ufakaza ngami, namalunga wonke. Yibona engemukela kubo izincwadi ezilotshelwe abazalwane, ngangiya eDamaseku ukuba abakhona lapho ngibayise eJerusalema beboshiwe, ukuze bajeziswe.
USawula esabhodla umlilo, esongela ukubulala abafundi beNkosi, waya kumphristi omkhulu,
Kepha wasolwa ngesiphambeko sakhe. Imbongolo engakhulumi yakhuluma ngezwi lomuntu, yanqanda isenzo sokuhlanya somphrofethi.