Bheka, izikhohlakali zinsala iminsalo, sezifake imicibisholo yazo emnsalweni, ukuze zicibe ebumnyameni abaqotho ngenhliziyo.
IzEnzo 24:1 - IsiZulu 2020 Emva kwezinsuku ezinhlanu, umphristi omkhulu, u-Ananiya, namanye amalunga, wehlela eKhesariya nommeli thizeni okuthiwa nguTherthulu; owachazela umbusi amacala abekwe wona uPawula. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Emva kwezinsuku eziyisihlanu umpristi omkhulu u-Ananiya wewuka kanye namalunga athile nommeli othile uTertulu; laba bammangalela uPawulu kumbusi. Baasraak Zulu New Testament Bible Kwathi emva kwezinsuku eziyisihlanu u-Ananiya umpristi omkhulu wehla kanye namalunga, nomkhulumeli othile uTertulu, bona bemangalele uPawulu kumbusi. Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi emva kwezinsuku eziyisihlanu u-Ananiya umpristi omkhulu wehla kanye namalunga, nomkhulumeli othile uTertulu, bona bemangalele uPawulu kumbusi. |
Bheka, izikhohlakali zinsala iminsalo, sezifake imicibisholo yazo emnsalweni, ukuze zicibe ebumnyameni abaqotho ngenhliziyo.
izinduna zamashumi ayisihlanu nabantu abanodumo, abeluleki nezingcweti ezihlakaniphileyo, nabanolwazi lokulumba.
Kwathi ngosuku olumisiweyo, uHerode wagqoka ingubo yakhe yobukhosi, wahlala esihlalweni sokwehlulela, wayesekhuluma kubantu.
Kuthe sekuzophela izinsuku eziyisikhombisa, abaJuda base-Asiya bembonile ethempelini, bagovuza sonke isixuku, bambamba,
Nilungisele noPawula isilwane azogibela kuso, ukuze nimyise kuFelikisi, umbusi, ephephile.”
Kuthe sekudaluliwe kimi ukuthi kunozungu eboshelwe lona, ngayithumela kuwe ngokushesha, ngabayala nabayimangalelayo ukuba beze kuwe bazokhuluma ngayo phambi kwakho.”
Ekufikeni kwabo eKhesariya banika umbusi incwadi, bammisa noPawula phambi kombusi.
wathi: “Sengiyakuluzwa kahle udaba nxa sebefikile abakumangaleleyo.” Wayeseyala ukuba agcinwe enqabeni kaHerode.
njengalokhu nawe uzitholela ukuthi akukapheli nezinsuku ezili-12 ngikhuphukele eJerusalema ukuyokhuleka.
Esebiziwe uPawula, uTherthulu waqala ukumbeka icala, ethi kuFelikisi: “Ngenxa yakho, selokhu waqala ukubusa, sesibe nokuthula isikhathi eside, futhi sekube nezinguquko ezinhle ozenzele lesi sizwe, ngenxa yobuhlakani bakho.
okwathi ngiseJerusalema, abaphristi abakhulu namalunga abaJuda bangibikela ngayo becela ukuba ilahlwe ngecala.
Nami bazalwane, ekufikeni kwami lapho kini, angifikanga ngobugagu bokukhuluma noma bokuhlakanipha, kodwa ngimemezele kini imfihlakalo kaNkulunkulu.
futhi ukukhuluma nokushumayela kwami akubanga ngamazwi ahehayo obugagu, kodwa kwaba ngesibonakaliso sikaMoya nesamandla,