IzEnzo 2:4 - IsiZulu 2020 Bonke bagcwala uMoya oNgcwele, baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengalokhu uMoya wabapha ukuphumisela. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Base begcwala bonke uMoya oNgcwele, baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengalokho uMoya wabapha ukuphumisela. Baasraak Zulu New Testament Bible Base begcwala bonke uMoya oNgcwele, baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengalokho uMoya wabapha ukuphumisela. Contemporary Zulu Bible 2024 Base begcwala bonke uMoya oNgcwele, baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengalokho uMoya wabapha ukuphumisela. |
Impela uyokhuluma kulaba bantu ngezindebe ezingingizayo nangolimi olungaziwayo.
“Mina-ke, lesi yisivumelwano sami nabo,” kusho uSimakade, “sokuthi uMoya wami ophezu kwakho namazwi ami engiwabeke emlonyeni wakho akuyukusuka emlonyeni wakho, nasemlonyeni wabantwana bakho, nasemlonyeni wezizukulwane zakho,” kusho uSimakade, “kusukela manje kuze kube phakade.”
Ngakho-ke ngigcwele ulaka lukaSimakade, ngikhathele ukuzibamba. “Luthululele phezu kwabantwana emigwaqweni, nasemhlanganweni wezinsizwa, indoda nomkayo bayakubanjwa kanjalo abadala nabagugileyo.
Hamba uye kubathunjwa, kubantwana babantu bakini, ukhulume kubo, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade,’ noma ngabe bayalalela noma abakulaleli.”
Kodwa mina ngigcwele amandla ngoMoya kaSimakade, ubulungiswa nesibindi, ukuba ngitshele uJakobe ngesiphambeko sakhe no-Israyeli ngesono sakhe.
“Kepha kuyakuthi nxa benikhaphela, ningakhathazeki ngokuthi niyakukhuluma nithini, ngokuba niyakuphiwa ngaleso sikhathi eniyakukukhuluma.
Lezi zibonakaliso ziyakubonakala kwabakholwayo: Bayakukhipha amadimoni ngegama lami, bakhulume ngezilimi ezintsha.
Ngokuba uzakuba mkhulu emehlweni eNkosi; akayukuliphuza iwayini nophuzo olunamandla; uzakugcwaliswa nguMoya oNgcwele esesesiswini sikanina.
Kwathi ukuba u-Elizabethe ezwe uMariya ebingelela, umntwana wagxuma esiswini sakhe; u-Elizabethe wagcwala uMoya oNgcwele,
ngokuba Mina ngiyakunifunza amazwi nokuhlakanipha abangayukwazi ukumelana nakho noma baphikisane nakho bonke labo abalwa nani.
Kepha uMduduzi, uMoya oNgcwele, uBaba ayakumthumela egameni lami, uyakunifundisa konke, anikhumbuze konke enginitshele khona.
Ngokuba uJohane wayebhabhadisa ngamanzi, kodwa nina nizakubhabhadiswa ngoMoya oNgcwele zingakadluli izinsuku eziningi.
Kepha nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe ngofakazi bami eJerusalema, eJudiya lonke naseSamariya, kuze kube sekugcineni komhlaba.”
Ngokuba babezwa bekhuluma ngezilimi, betusa uNkulunkulu. UPhethro wayesephendula ethi:
“Ukhona yini ongenqaba namanzi ukuba babhabhadiswe laba abamukele uMoya oNgcwele njengathi na?”
“Ngathi ngisaqala ukukhuluma, uMoya oNgcwele wehlela phezu kwabo njengalokhu kwenzeka nakithina ekuqaleni.
Wayeyindoda elungile, egcwele uMoya oNgcwele nokukholwa; kwenezelwa eNkosini abantu abaningi.
UNkulunkulu owazi izinhliziyo, wabafakazela ngokubapha uMoya oNgcwele njengathi.
UPawula esebekile izandla phezu kwabo, uMoya oNgcwele wehlela phezu kwabo, base bekhuluma ngezilimi, futhi baphrofetha.
abaJuda namaphroselithe, abaseKhrethe nabase-Arabhiya, siyabezwa bekhuluma ngezilimi zakithi, ngemisebenzi emikhulu kaNkulunkulu.”
Kwase kubonakala kubo izilimi ezehlukeneyo kungathi ezomlilo; zahlala phezu kwalowo nalowo.
Kwathi sebekhulekile, kwazanyazanyiswa indawo ababehlanganele kuyo, bonke bagcwaliswa nguMoya oNgcwele, bakhuluma izwi likaNkulunkulu ngesibindi.
Qokani phakathi kwenu, bazalwane, amadoda ayisikhombisa anegama elihle, agcwele uMoya nokuhlakanipha, esiyakuwamisa ukuba enze lo msebenzi.
Leli lizwi lathakaselwa yilo lonke ibandla, base bekhetha uStefani, umuntu owayegcwele ukukholwa noMoya oNgcwele, uFiliphu, uPhrokhoro, uNikhanori, uThimoni, uPharmena, noNikholawu, oyiphroselithe lase-Antiyokhiya.
UStefani, egcwele umusa namandla, wenza izimangaliso nezibonakaliso ezinkulu phakathi kwabantu.
Kepha yena, egcwele uMoya oNgcwele, wagqolozela ezulwini, wabona inkazimulo kaNkulunkulu, noJesu emi ngakwesokunene sikaNkulunkulu,
U-Ananiya wahamba, wangena endlini, wabeka izandla phezu kukaSawula, wathi: “Sawula, mzalwane, iNkosi uJesu ebonakale kuwe endleleni obuza ngayo, ingithumile ukuba ubuye ubone, ugcwaliswe ngoMoya oNgcwele.”
Sengathi uNkulunkulu wethemba anganigcwalisa ngenjabulo yonke, nangokuthula konke ekukholweni, ukuze nichichime ethembeni ngamandla kaMoya oNgcwele.
omunye uphiwa ukwenza imisebenzi yamandla, omunye ukuphrofetha, omunye ukwehlukanisa omoya, omunye ukukhuluma izilimi ngezilimi, omunye ukuhumusha izilimi.
Noma ngikhuluma ngezilimi zabantu nezezingelosi, kodwa uma ngingenalo uthando, ngifana nethusi elikhencezayo nensimbi encencethayo.
Uthando alusoze lwaphela, nakuba kukhona ukuphrofetha, kodwa kuyakukhawuka. Nakuba kuyizilimi, ziyakunqamuka; nakuba kungulwazi, luyakuphela.
Ngifisa ukuba nonke nikhulume ngezilimi, kodwa ngifisa kakhulu ukuba niphrofethe. Mkhulu ophrofethayo kunokhuluma ngezilimi, ngaphandle kokuba azihumushe ukuze kwakheke ibandla.
nilwazi uthando lukaKhristu olwedlula ukuqonda konke, ukuze nipheleliswe ngokuphelela konke kukaNkulunkulu.
ngokukhuleka konke nokunxusa, nikhuleka ngezikhathi zonke nikuMoya; kulokho nilinde ngesineke sonke nangokunxusela abangcwele bonke,
Bambulelwa ukuthi lokho ababekwenza babengazenzeli nje bona, kodwa kwakuqondene nani, njengokuba bakhuluma ngalezo zinto, nani esenizizwa ngabashumayela ivangeli kini ngoMoya oNgcwele othunywe evela ezulwini, lezo zinto izingelosi ezilangazelela ukuzibona.
Ngokuba akukho siphrofetho noma nini esake seza ngentando yomuntu, kodwa abantu beqhutshwa nguMoya oNgcwele bakhuluma okukaNkulunkulu.
Kuthe ukuba bafike entabeni, kweza iviyo labaphrofethi ukuzohlangana naye; uMoya kaNkulunkulu wehlela phezu kwakhe, waphrofetha ephakathi kwabo.