Wena, Nkosi umuhle, ungothethelelayo, unomusa omkhulu kubo bonke abakhala kuwe.
IzEnzo 2:21 - IsiZulu 2020 Kuyakuthi yilowo nalowo obiza igama leNkosi, asindiswe.’ IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kuyakuthi yilowo nalowo obiza igama leNkosi uyakusindiswa.’ Baasraak Zulu New Testament Bible Kuyakuthi yilowo nalowo obiza igama leNkosi uyakusindiswa. Contemporary Zulu Bible 2024 Kuyakuthi yilowo nalowo obiza igama leNkosi uyakusindiswa. |
Wena, Nkosi umuhle, ungothethelelayo, unomusa omkhulu kubo bonke abakhala kuwe.
Kepha kuyakuthi bonke ababiza igama likaSimakade baphunyuke, ngokuba entabeni iZiyoni naseJerusalema kuyakuba khona abasindileyo njengoba eshilo uSimakade, labo abayakubizwa nguSimakade.”
Ngakho-ke hambani, nenze izizwe zonke abafundi, nibabhabhadise egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya oNgcwele.
Ilanga liyakuphenduka ubumnyama, inyanga iphenduke igazi, ngaphambi kokuba kufike usuku olukhulu nolubalulekileyo lweNkosi.
Pho usalindeleni na? Sukuma, ubhabhadiswe, uhlambulule izono zakho ngokukhuleka egameni lakhe.’
INkosi yayisithi kuye: “Suka uye emgwaqweni okuthiwa uQondile, ufune endlini kaJuda umuntu, igama lakhe nguSawula waseTharsu, ngokuba uyakhuleka;
Kepha iNkosi yathi kuye: “Hamba, ngokuba lo uyisitsha sami esikhethiweyo sokuphatha igama lami phambi kwabezizwe, emakhosini, nakubantu bakwa-Israyeli.
ngibhalela ibandla likaNkulunkulu eliseKhorinte, kwabangcwelisiwe kuKhristu uJesu, ababiziweyo ukuba babe ngcwele. Ngibhalela nabo bonke abakhuleka egameni leNkosi yethu uJesu Khristu ezindaweni zonke abakuzo:
Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni somusa ukuze samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.