UJakobe wabiza amadodana akhe wathi: “Buthanani ukuze nginitshele okuzonehlela ezinsukwini ezizayo.
IzEnzo 2:17 - IsiZulu 2020 “ ‘Kuyakuthi ezinsukwini zokugcina, kusho uNkulunkulu, ngiyakuthululela uMoya wami phezu kwenyama yonke; amadodana enu namadodakazi enu ayakuphrofetha, izinsizwa zenu zibone imibono, abadala benu baphuphe amaphupho; IBHAYIBHELI ELINGCWELE “ ‘Kuyakuthi ezinsukwini zokuphela, kusho uNkulunkulu, ngiyakuthulula uMoya wami phezu kwayo yonke inyama; amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha, izinsizwa zenu zibone imibono, abadala benu baphuphe amaphupho; Baasraak Zulu New Testament Bible “Kuyakuthi ngezinsuku zokugcina, usho uJehova, ngithulule uMoya wami phezu kwayo yonke inyama, amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha, nezinsizwa zenu zibone imibono, abadala benu baphuphe amaphupho; Contemporary Zulu Bible 2024 “Kuyakuthi ngezinsuku zokugcina, usho uJehova, ngithulule uMoya wami phezu kwayo yonke inyama, amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha, nezinsizwa zenu zibone imibono, abadala benu baphuphe amaphupho; |
UJakobe wabiza amadodana akhe wathi: “Buthanani ukuze nginitshele okuzonehlela ezinsukwini ezizayo.
UNkulunkulu wabona ukuthi umhlaba wonakele, ngokuba bonke abantu babeziphethe kabi emhlabeni.
Buyani ngenxa yokusola kwami, lalelani, manginithululele okusemoyeni wami, nginazise amazwi ami.
Kuyothi ngezinsuku zokugcina, intaba yendlu kaSimakade imiswe njengephakeme kunezintaba, iphakame kunamagquma; zonke izizwe ziyakugobhozela kuyo.
Inkazimulo kaSimakade iyobonakaliswa, bonke abantu bayakuyibona kanyekanye ngokuba umlomo kaSimakade ukhulumile.”
Ngokuba ngiyakuthela amanzi phezu kokomileyo, nezikhukhula phezu kokomileyo, ngiyakuthulula uMoya wami phezu kwabantwana bakho, nesibusiso sami phezu kwezizukulwane zakho;
Ngiyakubadlisa abakucindezelayo, inyama yabo, badakwe yigazi labo kube ngathi bekuyiwayini elimnandi; abantu bonke bayokwazi ukuthi Mina Simakade nginguMsindisi wakho, uMhlengi wakho, uMninimandla kaJakobe.”
Kusukela ekwethwaseni kwenyanga kuya kwenye, kusukela kwelinye isabatha kuya kwelinye; bonke abantu bayofika bazokhuleka phambi kwami,” kusho uSimakade.
Ngiyakubanika inhliziyo ibe yinye, ngifake umoya omusha ezibilini zabo. Ngiyakuyikhipha inhliziyo yetshe kubo, ngibanike inhliziyo yenyama,
angisayukubusitheza ubuso bami kubo, ngokuba ngiyakuthulula uMoya wami phezu kwendlu yakwa-Israyeli,’ ” kusho iNkosi uSimakade.
Sengifikile ukuba ngikuqondise okuyakwehlela abantu bakho ngezinsuku ezizayo, ngokuba umbono usenezinsuku.”
Kuyakuthi emveni kwalokho abantu bakwa-Israyeli baphenduke, bafune uSimakade uNkulunkulu wabo noDavide inkosi yabo, bayakuzithoba kuSimakade nasebuhleni bakhe ekupheleni kwezinsuku.
Kuyakuthi ngezinsuku zokugcina intaba yendlu kaSimakade iqiniswe esiqongweni sezintaba, ibe yinde kunamagquma, abantu abaningi bayakugelezela kuyo.
“Ngiyakuthululela phezu kwendlu kaDavide naphezu kwabakhileyo eJerusalema umoya womusa nowokunxusa. Bayakungibuka mina, lowo abamgwazayo. Bayakumlilela njengokulilela kozelwe yedwa, babe nomunyu ngaye, njengokukhalela kalusizi izibulo.
Thulani du, bantu nonke phambi kukaSimakade, ngokuba usesukile, waphuma endaweni yakhe engcwele.”
Njengokuba uyiphe amandla phezu kwabantu bonke, ukuze bonke oyiphe bona, ibaphe ukuphila okuphakade.
Wayekusho lokho ngoMoya abazakumamukela labo abakholwa nguye, ngokuba uMoya wayengakafiki, ngenxa yokuba uJesu wayengakakhazimuliswa.
Abasokileyo abakholwayo ababefike noPhethro bamangala kakhulu bebona ukuthi isipho sikaMoya oNgcwele sithululelwe naphezu kwabezizwe.
Kwase kusukuma omunye wabo, ogama lakhe kungu-Agabhu, wabikezela ngoMoya ukuthi kuzakubhoka indlala enkulu ezweni lonke, lokho okwenzeka ngesikhathi sikaKlawudiyu.
yebo, naphezu kwezinceku nezincekukazi zenu, ngiyothululela uMoya wami ngalezo zinsuku, ziyakuprofetha.
Ngakho-ke waphakanyiselwa ngakwesokunene sikaNkulunkulu, esemukele kuYise isithembiso sikaMoya oNgcwele, ukuthululile lokhu enikubonayo nenikuzwayo.”
Ithemba alijabhisi, ngokuba uthando lukaNkulunkulu lutheliwe ezinhliziyweni zethu ngoMoya oNgcwele esimphiweyo.
omunye uphiwa ukwenza imisebenzi yamandla, omunye ukuphrofetha, omunye ukwehlukanisa omoya, omunye ukukhuluma izilimi ngezilimi, omunye ukuhumusha izilimi.
UNkulunkulu ubekile abathile ebandleni: okokuqala abaphostoli, okwesibili abaphrofethi, okwesithathu abafundisi, bese kuba yilabo abenza imisebenzi yamandla, abaneziphiwo zokuphulukisa, ezokusiza, ezokuphatha, nezilimi ngezilimi.
Ekugcineni kwale mihla, ukhulume kithi ngeNdodana ayimise ukuba ibe yindlalifa yakho konke, futhi owadala ngayo izwe.
Igolide lenu nesiliva kugqwalile, nokugqwala kwakho kuzakuba ngubufakazi obumelene nani, kuyakudla inyama yenu njengomlilo. Niqongelele ingcebo ngezinsuku zokugcina.
Okokuqala, nidinga ukuba nazi ukuthi ngezinsuku zokugcina, kuyakufika ababhinqayo bebhinqa behamba ngokwezinkanuko zabo,