Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




IzEnzo 19:19 - IsiZulu 2020

Kepha abanye balabo ababenza imilingo baqoqa izincwadi zabo, bazishisa phambi kwabo bonke. Lapho sekubalwa inani lazo, kwatholakala ukuthi liyizinhlamvu zesiliva eziyizi-50 000.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Kepha abaningi kubo ababenza imilingo babuthela ndawonye izincwadi zabo, bazishisa phambi kwabo bonke; bahlanganisa amanani azo, bafumana ukuthi ayizinhlamvu zesiliva eziyizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu.

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Abaningi kwababenza imilingo babuthela ndawonye izincwadi zabo, bazishisa phambi kwabo bonke; babala intengo yazo, bathola izinhlamvu zesiliva eziyizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Abaningi kwababenza imilingo babuthela ndawonye izincwadi zabo, bazishisa phambi kwabo bonke; babala intengo yazo, bathola izinhlamvu zesiliva eziyizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu.

Uka jalj uñjjattʼäta



IzEnzo 19:19
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Baletha kuJakobe bonke onkulunkulu bezizwe ababenabo, namacici ayesezindlebeni zabo. Wakuthatha wakugqiba phansi kwesihlahla somu-okhi esasiseduze neShekhemu.


USawule wakhothama kanjalo-ke, ngenxa yesiphambeko sakhe asenza kuSimakade, akaze aligcina izwi likaSimakade, nangokuba aya kobhula konedlozi, wabuza kuye,


Wawadabulisa amadodana akhe emlilweni esigodini sendodana kaHinomu, wahlola imihlola, wenza imilingo, wenza amalumbo wabuye wavumela abanamadlozi nabathakathi, wenza nokunye okubi okuningi phambi kukaSimakade, waze wachukuluza ulaka lukaSimakade.


Wathatha ithole ababelenzile, walishisa ngomlilo, waligaya lacoliseka laba luthuli, waluvuvuzela emanzini, wabaphuzisa wona abantu bakwa-Israyeli.


UFaro wayesebiza amadoda ahlakaniphileyo, abalumbi, nosomlingo baseGibhithe, nabo benza okufanayo ngemilingo yabo.


Kepha nosomlingo baseGibhithe nabo, ngemilingo yabo, benza into efanayo, ngakho-ke inhliziyo kaFaro yaba lukhuni, akavumanga ukubadedela, njengalokhu uSimakade ayeshilo.


Niyokuthatha njengokungcolile okunamekiweyo kwezithombe zenu ezibaziweyo zesiliva, nesimbozo sezithombe zenu zegolide ezibunjiweyo; niyakuzilahla njengokowesifazane okungcolileyo, nithi kukho: “Suka lapha.”


Uma bethi kini: “Hambani nihlole kwabanamadlozi nabanemimoya, abahhumuzelayo, banyenyeze,” kanti isizwe akumele yini sibuze kuNkulunkulu waso na? Singabahlolela yini abaphilayo,


Yayisiyaleza inkosi ukuba kubizwe izanusi, abathwebulayo, abalumbi, namaKhaledi ukuba bachazele inkosi amaphupho ayo. Bangena, bama phambi kwenkosi.


Uyoyishisa ingubo, noma izintanjana eziqondileyo noma ezinqamulayo, noma eyoboya bezimbuzi noma eyelineni, noma yini yesikhumba enesifo, ngokuba kuluchoko olubi; kuyakushiswa ngomlilo.


Kanjalo-ke yilowo nalowo kini ongakudeli konke anakho, ngeke abe ngumfundi wami.


“Noma-ke ngumuphi owesifazane ongathi enezinhlamvu zesiliva ezilishumi, alahlekelwe wuhlamvu olulodwa, angokheli isibani, ashanele endlini, alufunisise, aze aluthole na?


Sebedabulile esiqhingini sonke, baze bayofika ePhafu, bafumana indoda thize lapho eyabe ingumlumbi nomphrofethi wamanga, umJuda, ogama lakhe kunguBharjesu,


Kepha u-Elimasi, umlumbi, ngokuba yigama lakhe lelo uma lihunyushwa, wamelana nabo, efuna ukuphambukisa umbusi ekukholweni.


Abaningi kulabo abakholwayo beza bavuma futhi badalula izenzo zabo.


Nezwelana impela nababoshiweyo, nakwemukela ngokuthokoza ukuqhwagwa kwempahla yenu, nazi ukuthi nina ninempahla engcono kunaleyo, futhi engeyaphakade.