IzEnzo 19:1 - IsiZulu 2020 Kwathi u-Apholo eseseKhorinte, kwafika uPawula e-Efesu, esenqamule ezifundeni ezingenhla; wafica abafundi abathile, IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwathi u-Apholo eseKorinte, uPawulu wafika e-Efesu esedabulile amazwe angasenhla, wafumana abafundi abathile, Baasraak Zulu New Testament Bible Kwathi u-Apholo eseKorinte, uPawulu esedabule izwe eliphezulu, wafika e-Efesu; Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi u-Apholo eseKorinte, uPawulu esedabule izwe eliphezulu, wafika e-Efesu; |
UKhrisphu, umphathi wesinagoge nabo bonke abendlu yakhe, bakholwa yiNkosi; nabanye abaningi baseKhorinte abalalela, bakholwa, babhabhadiswa.
Lokho kwaziwa yibo bonke abaJuda namaGriki akhileyo e-Efesu, bonke behlelwa ngukwesaba; ladunyiswa igama leNkosi uJesu.
Kepha, niyabona futhi niyezwa ukuthi akusikho kuphela e-Efesu, kodwa cishe kulo lonke i-Asiya, uPawula lona usenxenxe waphendula abantu abaningi, ethi akusibo onkulunkulu laba abenziwe ngezandla.
Ngokuba uPawula wayenqumile ukudlula e-Efesu ngomkhumbi ukuze angachithi sikhathi e-Asiya. Phela wayephuthuma ukuze, uma kwenzeka, abe seJerusalema ngosuku lwePhentekhoste.
Kuthe esefikile kuye, wathi kuwo: “Niyazi ukuthi kusukela osukwini lokuqala engafika ngalo e-Asiya ngaziphatha kanjani isikhathi sonke nginani.
Ngokuba babekade bembonile phambilini uThroyifimu wase-Efesu esemzini naye, ababecabanga ukuthi uPawula umngenise ethempelini.
Ngikusho lokhu ngokuba yilowo nalowo kini uthi: “Mina ngingokaPawula;” omunye athi: “Mina ngingoka-Apholo;” omunye uthi: “Mina ngingokaKhefase;” nomunye athi: “Mina ngingokaKhristu.”
Uma njengomuntu ngalwa nezilo e-Efesu, pho nginanzuzoni ngalokho na? Uma abafileyo bengavuswa, masidle, siphuze, ngokuba ngomuso sizakufa.
Maqondana nomzalwane u-Apholo, ngamncenga kakhulu ukuba eze kini nabazalwane, kodwa kwakungesiyo intando yakhe ukuba eze manje. Kepha uyakuza kini uma esethole ithuba.
Bazalwane, lokhu-ke ngikuqondise kimi naku-Apholo, ngenxa yenu, ukuba nifunde kithi ukungeqisi kokulotshiweyo ukuze ningazikhukhumezi, omunye akhethe omunye kunomunye.
UPawula, umphostoli kaKhristu uJesu ngokwentando kaNkulunkulu, kubo abangcwele abase-Efesu nakubo abakholwa nguKhristu uJesu: