Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




IzEnzo 15:6 - IsiZulu 2020

Abaphostoli namalunga babuthana ukuze baluhlole lolu daba.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Base bebuthana abaphostoli namalunga, ukuze bayihlole leyo ndaba.

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Base bebuthana abaphostoli namalunga ukuba bayihlole leyo ndaba.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Base bebuthana abaphostoli namalunga ukuba bayihlole leyo ndaba.

Uka jalj uñjjattʼäta



IzEnzo 15:6
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Lapho kungekho khona ukwelulekana, amasu ayabhuntsha, kodwa uma bebaningi abeluleki ayaphumelela.


“Ngokuba lapho kuhlangene khona ababili noma abathathu egameni lami, ngikhona lapho phakathi kwabo.”


Bonke bakwenza, bakuthumela emalungeni ngesandla sikaBharnabha noSawula.


Lokho kwadala ukungaboni ngaso linye nempikiswano phakathi kwabo noPawula noBharnabha, base benquma ukuba uPawula, uBharnabha, nabathile babo bakhuphukele eJerusalema, baye kubaphostoli nakumalunga maqondana nalolu daba.


Ngakho-ke kwaba kuhle kubaphostoli, kumalunga, nakulo lonke ibandla ukuba kukhethwe amadoda phakathi kwabo, athunyelwe e-Antiyokhiya noPawula noBharnabha, bakhetha uJuda okuthiwa uBharsabha noSila, ababengabaholi phakathi kwabazalwane.


Kube kuhle kithi, sinhliziyonye, ukuba sithumele kini amadoda akhethiweyo kanye nabathandiweyo bethu uBharnabha noPawula,


Sebefikile eJerusalema, ibandla, abaphostoli, namalunga babemukela, base bebika ngakho konke uNkulunkulu ayekwenze ngabo.


Lapho bedabula emizini, babedlulisela kubo izinqumo ezathathwa ngabaphostoli namalunga aseJerusalema, ukuba bazigcine.


Ngakusasa uPawula wahamba nathi waya kuJakobe; onke amalunga eza.


Abali-12 babiza ibandla labafundi, bathi: “Akukuhle ukuba thina sishiye izwi likaNkulunkulu, sikhonze ematafuleni.


Lalelani abaniholayo, nibathobele, ngokuba balinda imiphefumulo yenu, futhi bayakuphendula ngayo, ukuze bakwenze lokhu ngokujabula bengakhonondi, ngokuba lokhu akunakunisiza.


Khumbulani ababenihola, bekhuluma izwi likaNkulunkulu; nazi umphumela wokuhamba kwabo, nilingise ukukholwa kwabo.