“Onamukelayo nina, uyangamukela Mina; nongamukelayo Mina, wamukela ongithumileyo.
IzEnzo 15:4 - IsiZulu 2020 Sebefikile eJerusalema, ibandla, abaphostoli, namalunga babemukela, base bebika ngakho konke uNkulunkulu ayekwenze ngabo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Sebefikile eJerusalema bamukelwa yibandla nabaphostoli namalunga, bakubika konke uNkulunkulu abekwenzile ngabo. Baasraak Zulu New Testament Bible Sebefikile eJerusalema, bamukelwa libandla labaphostoli labadala, balandisa ngakho konke uNkulunkulu ayekwenzile labo. Contemporary Zulu Bible 2024 Sebefikile eJerusalema, bamukelwa libandla labaphostoli labadala, balandisa ngakho konke uNkulunkulu ayekwenzile labo. |
“Onamukelayo nina, uyangamukela Mina; nongamukelayo Mina, wamukela ongithumileyo.
Ekufikeni kwabo, baliqoqa ibandla, balilandisa ngakho konke uNkulunkulu akwenzile ngabo, nokuthi uvulele nabezizwe isango lokukholwa.
Isixuku sonke sathula; salalela uBharnabha noPawula belanda ngezibonakaliso nangezimangaliso uNkulunkulu ayezenze ngabo kwabezizwe.
Lokho kwadala ukungaboni ngaso linye nempikiswano phakathi kwabo noPawula noBharnabha, base benquma ukuba uPawula, uBharnabha, nabathile babo bakhuphukele eJerusalema, baye kubaphostoli nakumalunga maqondana nalolu daba.
Ngakho-ke kwaba kuhle kubaphostoli, kumalunga, nakulo lonke ibandla ukuba kukhethwe amadoda phakathi kwabo, athunyelwe e-Antiyokhiya noPawula noBharnabha, bakhetha uJuda okuthiwa uBharsabha noSila, ababengabaholi phakathi kwabazalwane.
Ngakho-ke ibandla labathuma, badabula eFenike naseSamariya. Balandisa abazalwane ngokuphenduka kwabezizwe, baletha intokozo enkulu kubazalwane.
Lapho bedabula emizini, babedlulisela kubo izinqumo ezathathwa ngabaphostoli namalunga aseJerusalema, ukuba bazigcine.
Kuthe esefuna ukwedlulela e-Akhaya esekhuthaziwe, abazalwane base belobela abafundi ukuba bamamukele. Esefikile lapho, wabasiza kakhulu labo abakholwayo ngomusa,
UPawula esewabingelele, wawalandisa ngakho konke, ngakunye ngakunye, uNkulunkulu ayekwenze kwabezizwe ngenkonzo yakhe.
ngokuba anginakuba nasibindi sokusho utho ngaphandle kwezinto uKhristu azenze ngami, kube ngukulalela kwabezizwe, ngezwi nangezenzo,
Ngalokho-ke yamukelanani, njengalokhu noKhristu wanamukela, kube ludumo kuNkulunkulu.
Kepha ngomusa kaNkulunkulu ngiyikho engiyikho, futhi umusa wakhe kimi awubanga yize, kodwa ngasebenza kakhulu kunabo bonke; kodwa kungesimina, kepha kungumusa kaNkulunkulu okimi.
okungukuthi, uNkulunkulu ekuKhristu wenza ukuba izwe libuyisane naye, engababaleli iziphambeko, ebeka kithi izwi lokubuyisana.
Thina esisebenza kanye naye, siyanincenga ukuba ningawemukeleli ize umusa kaNkulunkulu,
Uyakhonza kini u-Aristarkhu oyisiboshwa kanye nami, noMakhu umzala kaBharnabha, enatshelwa ngaye. Uma efika kini, mamukeleni,
Uma kufika kini umuntu, engafundisi lesi sifundiso, ningamemukeli endlini yenu, futhi ningambingeleli.