Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




IzEnzo 13:8 - IsiZulu 2020

Kepha u-Elimasi, umlumbi, ngokuba yigama lakhe lelo uma lihunyushwa, wamelana nabo, efuna ukuphambukisa umbusi ekukholweni.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Kodwa u-Eluma, isanusi, ngokuba linjalo igama lakhe ngokuhunyushwa, wamelana nabo, wafuna ukuphambukisa umbusi ekukholweni.

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Kodwa uElimasi isanusi (ngokuba linjalo ibizo lakhe ngokuhunyushwa) wamelana labo, efuna ukuphambukisa umbusi ekholweni.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Kodwa uElimasi isanusi (ngokuba linjalo ibizo lakhe ngokuhunyushwa) wamelana labo, efuna ukuphambukisa umbusi ekholweni.

Uka jalj uñjjattʼäta



IzEnzo 13:8
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UZedekiya, indodana kaKhenahara, wasondela, wamshaya uMikhaya esihlathini, wathi: “UMoya kaSimakade wasuka nini kimi ukuba akhulume kuwe na?”


chezukani endleleni, niphambuke emkhondweni, msuseni phambi kwethu oNgcwele ka-Israyeli.”


Kwathi ngonyaka uZedekiya, inkosi yakwaJuda, aqala ngawo ukubusa; uHananiya, indodana ka-Azuri, umphrofethi waseGibheyoni, wakhuluma kimi endlini kaSimakade, phambi kwabaphristi nabantu bonke; ngonyaka wesine, ngenyanga yesihlanu, wathi:


U-Andreya waqala wafumana umfowabo uSimoni, wathi kuye: “Simtholile uMesiya,” okungukuthi uma lihunyushwa, uKhristu.


Kwathi ukuba umbusi abone okwenzekile, wakholwa, emangaliswa nayimfundiso yeNkosi.


Kwathi uGaliyu esengumbusi wase-Akhaya, abaJuda nganhliziyonye, bamvukela uPawula, bamyisa phambi kwesihlalo sokwehlulela,


Ngakho-ke uma uDemethriyu nezingcweti zabakhandi besiliva benodaba nomuntu, zikhona izinsuku zokuthetha amacala, futhi bakhona nababusi; mabamangalelane.


Izwi likaNkulunkulu lasabalala, kwathi inani labafundi lakhula kakhulu eJerusalema, nesixuku esikhulu sabaphristi sayamukela inkolo.


Kwakukhona indoda ethile igama layo kunguSimoni, eyayikade yenza imilingo kulowo muzi, imangalisa abantu abaningi baseSamariya, izishaya umuntu omkhulu.


EJopha kwakukhona owesifazane othile okholwayo, ogama lakhe linguThabitha, okungukuthi uma lihunyushwa uDokhasi; wayenemisebenzi eminingi emihle, futhi abela abampofu izipho.


Njengokuba uJane noJambre bamelana noMose, kanjalo nalaba bamelana neqiniso, bangabantu abangqondo yabo yonakele, abehlulekayo ekukholweni.