Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




IzEnzo 13:12 - IsiZulu 2020

Kwathi ukuba umbusi abone okwenzekile, wakholwa, emangaliswa nayimfundiso yeNkosi.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Khona umbusi esebona okwenzekileyo wakholwa, emangaliswa ngesifundiso seNkosi.

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Khona umbusi ebona okwenzekileyo wakholwa, emangazwe isifundiso seNkosi.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Khona umbusi ebona okwenzekileyo wakholwa, emangazwe isifundiso seNkosi.

Uka jalj uñjjattʼäta



IzEnzo 13:12
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Induna yekhulu nalabo ababenayo beqaphe uJesu, bebona umhlaba uzamazama nalokho okwenzekileyo, besaba kakhulu, bathi: “Impela lo ubeyiNdodana kaNkulunkulu.”


Bonke bakhuluma kahle ngaye, bemangaliswa ngamazwi omusa aphuma emlonyeni wakhe, bathi: “Kanti lo akasiyo yini indodana kaJosefa na?”


Bonke behlelwa wukwesaba, bamdumisa uNkulunkulu, bathi: “Kufike umphrofethi omkhulu phakathi kwethu,” bathi futhi: “UNkulunkulu ubahambele abantu bakhe.”


Izinceku zaphendula, zathi: “Akukho muntu osewake wakhuluma njengaloya muntu.”


Bekuzwa lokho abezizwe bathokoza, balidumisa izwi leNkosi, bakholwa bonke labo ababemiselwe ukuphila okuphakade.


Izwi leNkosi lasabalala kulo lonke izwe.


enombusi wezwe, uSergiyu Pawula, umuntu owayehlakaniphile; wabiza uBharnabha noSawula, wafuna ukuzwa izwi likaNkulunkulu.


Kepha u-Elimasi, umlumbi, ngokuba yigama lakhe lelo uma lihunyushwa, wamelana nabo, efuna ukuphambukisa umbusi ekukholweni.


Kodwa uPawula noBharnabha bahlala e-Antiyokhiya, befundisa, futhi beshumayela ivangeli leNkosi kanye nabanye abaningi.


Kwathi sekwedlule izinsuku ezithile, uPawula wayesethi kuBharnabha: “Ake sibuyele emuva, sihambele abazalwane kuyo yonke imizi ngamunye esesishumayele kuyo izwi leNkosi, sibone ukuthi bahlezi kanjani.”


Kwathi uGaliyu esengumbusi wase-Akhaya, abaJuda nganhliziyonye, bamvukela uPawula, bamyisa phambi kwesihlalo sokwehlulela,


Lokho kwenzeka iminyaka emibili, kwaze kwathi bonke abakhile e-Asiya balizwa izwi leNkosi, abaJuda namaGriki.


Kanjalo izwi landa ngamandla eNkosi, lasabalala, laba namandla.


Ngakho-ke uma uDemethriyu nezingcweti zabakhandi besiliva benodaba nomuntu, zikhona izinsuku zokuthetha amacala, futhi bakhona nababusi; mabamangalelane.


Babengamadoda abalelwa eshumini nambili sebebonke.


Kuleyo ndawo kwakukhona izwe lesikhulu sesiqhingi, igama lesikhulu kwakunguPhubhiliyu, sona sasamukela sasiphatha kahle; sahlala izinsuku ezintathu.


Kepha abakwazanga ukumelana nokuhlakanipha noMoya ayekhuluma ngakho.


Kuthe sebefakazile, balikhuluma izwi leNkosi, base bebuyela eJerusalema, bashumayela ivangeli emizaneni eminingi yabaseSamariya.