Esakhuluma uPhethro lawo mazwi, uMoya oNgcwele wehlela kubo bonke ababelilalele izwi.
IzEnzo 10:47 - IsiZulu 2020 “Ukhona yini ongenqaba namanzi ukuba babhabhadiswe laba abamukele uMoya oNgcwele njengathi na?” IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Ukhona yini ongala namanzi ukuba bangabhapathizwa laba abamukela uMoya oNgcwele njengathi na?” Baasraak Zulu New Testament Bible Ukhona yini ongala namanzi ukuba bangabhapathizwa laba abamamukele uMoya oNgcwele njengathi na? Contemporary Zulu Bible 2024 Ukhona yini ongala namanzi ukuba bangabhapathizwa laba abamamukele uMoya oNgcwele njengathi na? |
Esakhuluma uPhethro lawo mazwi, uMoya oNgcwele wehlela kubo bonke ababelilalele izwi.
Bonke bagcwala uMoya oNgcwele, baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengalokhu uMoya wabapha ukuphumisela.
Kepha kwathi ukuba bakholwe yivangeli elashunyayelwa nguFiliphu ngombuso kaNkulunkulu nangegama likaJesu uKhristu, babhabhadiswa abesilisa nabesifazane.
Besahamba endleleni, bafika emanzini. Umthenwa wathi: “Nanka phela amanzi; kwalani ukuba ngibhabhadiswe na?”
Ngokuba akukho mahluko phakathi komJuda nomGriki, lokhu Yena uyiNkosi yabo bonke, futhi ubacebele bonke abakhuleka kuye,
Wasemukela isibonakaliso sokusoka saba luphawu lokulunga kokukholwa ayenakho engakasoki ukuba abe nguyise wabo bonke abakholwayo bengasokile, ukuze ukulunga kubalelwe kubo,