“NginguSimakade; yilelo igama lami; angiyukumnika omunye inkazimulo yami, nezithombe ezibaziweyo, udumo lwami.
IzEnzo 10:26 - IsiZulu 2020 Kepha uPhethro wamsukumisa ethi kuye: “Sukuma, nami ngingumuntu nje.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha uPetru wamvusa wathi: “Sukuma, nami ngingumuntu nje.” Baasraak Zulu New Testament Bible Kodwa uPetro wamsukumisa, wathi: Sukuma; nami ngingumuntu. Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa uPetro wamsukumisa, wathi: Sukuma; nami ngingumuntu. |
“NginguSimakade; yilelo igama lami; angiyukumnika omunye inkazimulo yami, nezithombe ezibaziweyo, udumo lwami.
Yebo, isandla sami sibekile isisekelo somhlaba, nesokunene sami saleneka izulu. Lapho ngikubiza, kuma ndawonye.
UJesu wayesethi kuye: “Suka, Sathane, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze Yena yedwa.’ ”
Bonke abakhileyo emhlabeni bayakukhuleka kuso, bonke abamagama abo engalotshiwe encwadini yokuphila yeWundlu elahlatshwayo, selokhu kwasekelwa umhlaba.
Ngawa phansi phambi kwezinyawo zayo, ngakhuleka kuyo. Yayisithi kimi: “Ungakwenzi lokho; ngiyinceku kanye nawe, nabazalwane bakho abaphethe ubufakazi bukaJesu; khuleka kuNkulunkulu, ngokuba ubufakazi bukaJesu bungumoya wokuphrofetha.”