Kepha lapho esefikile Yena, uMoya weqiniso, uzakuniholela kulo lonke iqiniso. Ngokuba akayukukhuluma okwakhe, kodwa lokho akuzwayo uyakukukhuluma, anibikele okuzayo.
IzEnzo 10:19 - IsiZulu 2020 Kuthe uPhethro esazindla ngombono, uMoya wathi kuye: “Amadoda amathathu ayakufuna; IBHAYIBHELI ELINGCWELE UPetru esazindla ngombono, uMoya wathi kuye: “Bheka, amadoda amabili ayakufuna; Baasraak Zulu New Testament Bible UPetru esacabanga ngombono, uMoya wathi kuye: “Bheka, amadoda amathathu ayakufuna. Contemporary Zulu Bible 2024 UPetru esacabanga ngombono, uMoya wathi kuye: “Bheka, amadoda amathathu ayakufuna. |
Kepha lapho esefikile Yena, uMoya weqiniso, uzakuniholela kulo lonke iqiniso. Ngokuba akayukukhuluma okwakhe, kodwa lokho akuzwayo uyakukukhuluma, anibikele okuzayo.
Waba nombono lapho abona kuwo ngokusobala ingelosi kaNkulunkulu ifika kuye, cishe ngehora lesishiyagalolunye emini, ithi: “Khorneliyu!”
UMoya wayesethi kimi angihambe nawo ngingangabazi ngalutho. Bangiphelezela laba bazalwane abayisithupha, saze sayongena endlini yaleyo ndoda.
Kwathi bekhonza iNkosi, bezila ukudla, uMoya oNgcwele wathi: “Ngahlukaniseleni uBharnabha noSawula ukuba baye emsebenzini engibabizele wona.”
Kuthe sebeludingide kabanzi, kwase kusukuma uPhethro, wathi kubo: “Madoda, bazalwane, niyazi ukuthi kade uNkulunkulu angikhetha phakathi kwenu ukuba abezizwe bezwe izwi levangeli ngomlomo wami, bakholwe.
Emva kokubafuna abafundi, sahlala khona izinsuku eziyikhombisa; beqhutshwa nguMoya, bamtshela uPawula ukuba angalubeki eJerusalema.
Konke lokho kwenziwa nguye lowo Moya munye, owabela lowo nalowo ngokuthanda kwakhe.
Manje uMoya usho ngokucacileyo ukuthi ngezikhathi zokugcina abanye bayakuhlubuka ekukholweni, banake imimoya edukisayo nezimfundiso zamadimoni,