Ukufa makubazume, behlele endaweni yabafileyo besaphila, ngokuba ububi busezindlini zabo, phakathi kwabo.
IzEnzo 1:18 - IsiZulu 2020 Ngakho-ke lowo wazuza insimu ngomvuzo wokungalungi, wawa ngekhanda, waphahlazeka, kwachitheka nezibilini zakhe zaphumela ngaphandle. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Lowo-ke wazuza insimu ngomvuzo wokungalungi, wawa ngekhanda, waqhuma phakathi, nezibilini zakhe zonke zachitheka; Baasraak Zulu New Testament Bible Lomuntu wathenga insimu ngomvuzo wokungalungi; wawa ngekhanda, wagqabuka phakathi, kwagobhoza amathumbu akhe onke. Contemporary Zulu Bible 2024 Lomuntu wathenga insimu ngomvuzo wokungalungi; wawa ngekhanda, wagqabuka phakathi, kwagobhoza amathumbu akhe onke. |
Ukufa makubazume, behlele endaweni yabafileyo besaphila, ngokuba ububi busezindlini zabo, phakathi kwabo.
Wena Nkulunkulu uzobaphonsa emgodini ojulileyo abantu abomele igazi nabakhohlisayo; izinsuku zabo zokuphila aziyukuba ngisho nayingxenye yazo, kodwa mina ngizokwethemba Wena.
USimakade wathi kimi: “Ziphonse kumbumbi,” kwakuyinani elikhulu ababengilinganise nalo. Ngathatha kubo izinhlamvu zesiliva ezingama-30 ngaziphonsa kumbumbi endlini kaSimakade.
ngoba ngizokuhlonipha kakhulu, ngiyokwenzela noma yini oyifunayo. Ngiyakuncenga, woza uzongiqalekisela laba bantu.’ ”
Amalunga akwaMowabi nawakwaMidiyani ahamba ephethe ugxa, aya kuBhileyamu, afike akhuluma kuye amazwi kaBhalaki.
Enye wayinika amathalenta ayisihlanu, enye aba mabili, enye laba lilodwa vo; yileyo naleyo ngokwamandla ayo; wayesehamba-ke.