IsiLilo 5:8 - IsiZulu 2020 Sesibuswa yizigqila; akekho ongasikhulula esandleni sazo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Izigqila ziyasibusa; akakho osikhulula esandleni sabo. Contemporary Zulu Bible 2024 Izinceku ziyasibusa, akakho ongasikhulula esandleni sazo. |
Kwathi lapho uSanibhalathi umHoroni, uThobiya inceku engumAmoni, noGeshemi umArabhu bekuzwa lokho, basihleka usulu besibhinqa, bethi: “Nenzani nje nempela na? Senivukela inkosi na?”
Ababusi engibalandelayo babethwesa abantu umthwalo onzima, befuna intela yokudla newayini, ngaphezu kwezinhlamvu ezingama-40 zesiliva abebevele bezikhokha. Ngisho nezinceku zabo zabacindezela abantu, kodwa mina angenzanga kanjalo, ngenxa yokwesaba uNkulunkulu.
noma wazi kahle ukuthi anginacala, futhi akekho ongangihlenga esandleni sakho na?
“Nina enikhohlwa nguNkulunkulu, kuqapheleni lokho, funa nginidwengudwengule, kungabi bikho onisindisayo.
Mina nginguye kwasemandulo. Akekho ongakusindisa okusesandleni sami, ngiyenza, ngubani ongakuvimba lokho na?”
Manje-ke sengizokwembula ihlazo lakhe zizibonela ngawazo amehlo izithandwa zakhe, futhi akukho namunye oyakumhlenga esandleni sami.
Angisayukuzizwela futhi izakhamuzi zezwe,” kusho uSimakade. “Kodwa bheka nje, ngiyakunikela abantu kube yilowo nalowo esandleni somakhelwane wakhe, esandleni senkosi yakhe. Bayakulicindezela izwe, kepha angiyukubahlenga esandleni sabo.”