Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




IsiLilo 5:7 - IsiZulu 2020

Okhokho bethu benza okubi, manje abasekho, kodwa sekuyithi esesithweswe ububi babo.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Obaba bona abasekho; thina sithwala ububi babo.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Okhokho bethu bonile futhi abasekho; sathwala ububi babo.

Uka jalj uñjjattʼäta



IsiLilo 5:7
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bazilandulela bathi: “Izinceku zakho ziyizelamani ezili-12, zingamadodana endoda eyodwa, eyakhe eKhanani, uthunjana usele nobaba, omunye akasekho.”


Uyise uJakobe wayesethi kubo: “Niyangephuca abantwana bami; uJosefa akasekho, noSimeyoni akasekho, manje senifuna ukuthatha noBhenjamini; konke lokhu kungaphezu kwamandla ami.”


Awusithetheleli ngani isiphambeko sami, ususe isono sami na? Ngokuba manje ngiyakulala phansi othulini, uyakungifuna, kepha angiyukuba bikho.”


Iso elingibonayo alisayukungibona, amehlo akho esangibhekile, ngiyobe ngingasekho.


Ungazikhothameli, ungahungeki ukuba uzikhonze, ngokuba Mina Simakade uNkulunkulu wakho, nginguNkulunkulu onomhawu, ngihambela ububi bawoyise kubantwana, kuso isizukulwane sesithathu nesesine sabangizondayo,


Simakade, siyabazi ububi bethu nokona kokhokho bethu, ngokuba sonile kuwe.


Uyakuthi kubo: ‘Kungenxa yokuthi okhokho benu bangishiya,’ kusho uSimakade, ‘balandela abanye onkulunkulu, babakhonza, bakhuleka kubo, bangishiya, abawugcinanga umthetho wami.


Nani nenze okubi ukwedlula okhokho benu, ngokuba yilowo nalowo ulandela inkani nobubi obusenhliziyweni yakhe, aningilaleli.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Izwi liyezwakala eRama, ukulila nokukhala okumunyu, uRaheli ekhalela abantwana bakhe; uyala ukududuzwa ngabantwana bakhe, ngokuba abasekho.”


“Ngalezo zinsuku abasayikusho futhi ukuthi: “ ‘Oyise badla amagilebhisi amuncu, amazinyo abantwana babo aba buthuntu.’


Uyakulithwala icala lokukhanuka kwakho nezinengiso zakho,” ’ ” kusho uSimakade.


“Kungani nisho lesi saga kwa-Israyeli, esithi: “ ‘Oyise badla amagilebhisi amuncu, amazinyo abantwana aba buthuntu,’ na?


“Baphi okhokho benu na? Ngabe abaphrofethi basaphila yini kuze kube phakade na?


‘USimakade uyephuza ukuthukuthela, uvame umusa, uthethelela ububi neziphambeko, nokho akayeki angamjezisi onecala, uhambela ububi bawoyise kubantwana, kuze kube sesizukulwaneni sesithathu nesesine.’