URaheli wathi: “UNkulunkulu ungehlulele, futhi ulizwile izwi lokunxusa kwami, wangipha indodana.” Ngenxa yalokho wayiqamba igama wathi nguDani.
IsiLilo 3:59 - IsiZulu 2020 Simakade, ukubonile okubi okwenziwe kimi; yehlulela, ungimelele. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Jehova, uyabona ukoniwa kwami; thetha indaba yami. Contemporary Zulu Bible 2024 Jehova, ukubonile ukungalungi kwami; yahlulelani icala lami. |
URaheli wathi: “UNkulunkulu ungehlulele, futhi ulizwile izwi lokunxusa kwami, wangipha indodana.” Ngenxa yalokho wayiqamba igama wathi nguDani.
Uma uNkulunkulu kababa ebengenami, uNkulunkulu ka-Abhrahama, noKwesaba kuka-Isaka, ngabe manje ungibuyisela emuva ngingenalutho. Kepha uNkulunkulu ukubonile ukuhlupheka nokuzikhandla kwami, wazibonakalisa kuwe ebusuku bayizolo, wakuthethisa.”
Kepha Wena uyamqaphela osenkathazweni nasosizini, wenze okuthile ngaye. Abampofu bangethembela kuwe, nezintandane ngokunjalo.
Ngahlulele, Simakade, ngokuba ngihamba ngobuqotho, ngethembele kuwe angaze ngangabaza.
Phakama, usukumele ukwehlulelwa kwami, uyimele indaba yami, Nkulunkulu wami, Nkosi yami!
Ngahlulele Nkulunkulu, umele indaba yami kubantu abangethembekile, ungikhulule konenkohliso nongalungile.
Ngokuba ungenzele ubulungiswa, wangikhipha phambili uhlezi esihlalweni sakho, wehlulela ngokulunga.
Maye, maye kimi lokhu ungizale ngaba ngumuntu wokuphikisana, nomuntu wokuxabanisa emhlabeni wonke! Angebolekanga lutho futhi angebolekwanga lutho; nokho bonke bayangiqalekisa.
Ukubonile ukulangazelela kwabo ukuba baphindisele, nawo wonke amacebo abo ngami.
owathi ethukwa akaze aphindisela, ehlushwa akaze asongela muntu, kodwa wazinikela kulowo owehlulela ngokulunga;