Wakhuleka kuye, wamncenga; wakuzwa ukunxusa kwakhe, wambuyisela futhi eJerusalema embusweni wakhe. UManase wayesazi ukuthi uSimakade nguye onguNkulunkulu.
IsiLilo 3:56 - IsiZulu 2020 Walizwa izwi lami lapho ngithi: “Ungayisithezi indlebe yakho ekunxuseni kwami, ngicela usizo.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wezwa izwi lami; ungasithezi indlebe yakho lapho ngikhalela ukusizwa. Contemporary Zulu Bible 2024 Walizwa izwi lami; ungafihli indlebe yakho ekuphefumuleni kwami, ekukhaleni kwami. |
Wakhuleka kuye, wamncenga; wakuzwa ukunxusa kwakhe, wambuyisela futhi eJerusalema embusweni wakhe. UManase wayesazi ukuthi uSimakade nguye onguNkulunkulu.
Umkhuleko wakhe nokunxusa kwakhe uNkulunkulu, zonke izono zakhe, konke ukungethembeki kwakhe nezindawo eziphakemeyo azakha, wamisa o-Ashera nezithombe ezibaziweyo, ngesikhathi engakazithobi; bheka, konke lokho kulotshwe ezindabeni zikaHozayi.
Benza ukuba ukukhala kwabampofu kufinyelele kuye, wakuzwa ukukhala kwabahluphekayo.
Nasi isihlupheki esakhala uSimakade wasilalela, wasisindisa kuzo zonke izinhlupheko esasikuzo.
Yizwa izwi lokukhala kwami, Nkosi yami, Nkulunkulu wami, ngokuba ngikhuleka kuwe.
Simakade, ekuseni uyalizwa izwi lami; ekuseni ngethula kuwe isicelo sami, ngilinde.
Uyakuwukhulula umphefumulo wami ngokuthula, empini engibhekene nayo, ngokuba baningi abamelene nami.
“Hamba uye kuHezekiya, uthi: ‘Usho kanje uSimakade uNkulunkulu kaDavide, ukhokho wakho, uthi: “Ngiwuzwile umkhuleko wakho, ngizibonile izinyembezi zakho; ngizonezelela iminyaka eli-15 ezinsukwini zakho zokuphila.
“Kalokhu, Nkulunkulu wethu, yizwa umkhuleko wenceku yakho nokunxusa kwayo, ukhanyise ubuso bakho phezu kwendlu yakho engcwele, echithakeleyo ngenxa yeNkosi.
Ngokunjalo noMoya uyasisiza ebuthakathakeni bethu, ngokuba asikwazi esifanele ukukucela, kodwa uMoya uqobo uyasinxusela ngokububula okungakhulumeki ngamazwi.