IsiLilo 3:52 - IsiZulu 2020 Abangizondela ize, bangizingelisisa okwenyoni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abayizitha zami ngeze bangizingele nokungizingela njengenyoni. Contemporary Zulu Bible 2024 Izitha zami zangixotsha njengenyoni kungelasizatho. |
Ngiphephela kuwe Simakade; uyisiphephelo sami. Kungani pho nithi kimi: “Balekela ezintabeni njengenyoni.
Izikhulu zingizingela ngaphandle kwesizathu, kodwa inhliziyo yami yesaba izwi lakho.
Umphefumulo wethu uphunyuke njengenyoni ogibeni lwabacuphi; ugibe lwaphukile, thina saphunyuka.
Mazingajabuli ngami izitha zami eziphafuza amanga ngami, nalabo abangizondela ize bacife amehlo.
Ngokuba bangakhele ugobe ngaphandle kwesizathu, bayimbele umgodi impilo yami ngaphandle kwesisusa.
Abangizondela ize baningi ukwedlula izinwele ekhanda lami, baningi abafuna ukungibhubhisa; izitha zami zingethwesa icala ngeze. Kumele ngibuyisele engingakwebanga.
UJeremiya wayesethi enkosini uZedekiya: “Ngoneni kuwe, nasezincekwini zakho, nakulaba bantu ukuba ningifake ejele na?
Lokho okubonwa ngamehlo ami, kuyayihlubula inhliziyo yami, ngenxa yalokho okwenziwe kwabesifazane bomuzi wakithi.
Kepha ukuze kugcwaliseke izwi elilotshwe emthethweni wakubo elithi: ‘Bangizonda ngeze.’