IsiLilo 3:26 - IsiZulu 2020 Kuhle ukulindela ngokuthula ukusindisa kukaSimakade. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kuhle ukumethemba nokulindela ngokuthula ukusindisa kukaJehova. Contemporary Zulu Bible 2024 Kuhle ukuthi umuntu alindele ukukhululwa kukaJehova, alinde ngokuthula. |
Akusikho okwenu ukulwa kule mpi; zihleleni, nime, nibone ukunqoba kukaSimakade, nina Juda neJerusalema; ningesabi, ningapheli amandla; phumelani kubo kusasa, ngokuba uSimakade uzakuba nani.’ ”
Lindela uSimakade, ugcine indlela yakhe, Yena uzokuphakamisa udle ifa lomhlaba, uyobona lapho sebebhujiswa ababi.
Thula phambi kukaSimakade, umlindele ngesineke; ungakhathazeki ngonempumelelo endleleni yakhe, ngomuntu oceba amacebo amabi.
Ngizokudumisa kuze kube phakade, ngokuba ukwenzile lokho. Ngizolindela igama lakho, ngokuba lihle phambi kwabathembekile bakho.
NguYena kuphela oyidwala lami nensindiso yami; inqaba yami, angisoze nganyakaziswa.
Kepha mina kungilungele ukusondela kuNkulunkulu, ngiyenzile iNkosi uSimakade ibe yisiphephelo sami, ukuze ngishumayele zonke izenzo zakho.
Kepha uMose wathi kubantu: “Ningesabi, qinani, nibone ukukhululwa uSimakade azonenzela khona namuhla; ngokuba laba baseGibhithe enibabona namuhla anisayukuphinde nibabone naphakade.
Ngokuba yasho njalo iNkosi uSimakade oNgcwele ka-Israyeli, yathi: “Lapho niphenduka niphumula, niyakusindiswa, amandla enu abe sekuthuleni nasekwethembeni, kepha anithandanga.
Ngokuba usizo lweGibhithe luyize, futhi alunto yalutho, yingakho ngilibiza ngoRahabi ohleze ethule.
Ubothi kuye: ‘Xwaya, uthule; ungesabi, ungadangali enhliziyweni yakho ngenxa yalezi ziphunzi zezikhuni ezimbili ezithunqayo, nangokuvutha kolaka lukaRezini ne-Aramu, nolwendodana kaRemaliya.
Ngabe kukhona yini phakathi konkulunkulu babezizwe abayize onganisa imvula na? Amazulu angaziletha yini izihlambi na? Akunguwe yini Simakade esiyakukulindela ngesineke na? Ngokuba nguwe owenze konke lokhu.
Ngokuba umbono usalokhu ungowesikhathi esinqunyiweyo, uyakushesha ufike esiphethweni, awuyukukhohlisa; nakuba uyakubambezeleka, ulinde, ngokuba impela uyakufika, awuyukwephuza.
Kepha kuhle ukuba nentshisekelo ngokuhle, kodwa makungabi nxa ngikhona kini kuphela.
Ngokuba singabahlanganyela kuKhristu, uma impela sibambisisa ithemba lethu lokuqala kuze kube sekupheleni.
Ngakho-ke hluzani izingqondo zenu, nime ngomumo, nizithibe, niwethembe ngokupheleleyo umusa enizakuwabelwa mhla kwembulwa uJesu Khristu.