Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




IsiLilo 2:22 - IsiZulu 2020

“Ubabize nxazonke abangesabisayo, kwaba njengasosukwini owawulumisile; akubanga bikho namunye owaphunyula nowasindayo, ngosuku lwentukuthelo kaSimakade. Labo engabazala ngabakhulisa, isitha sami sibaqothulile.”

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

“Wabiza njengasosukwini lomhlangano izesabiso zami nxazonke; akubangakho ngosuku lwentukuthelo kaJehova owasindayo nowasalayo. Labo engangibaphathile, ngabondla, izitha zami zibaqedile.”

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Wabiza izesaba zami nxazonke njengosuku lomkhosi, kwaze kwathi ngosuku lolaka lukaJehova akubangakho owaphunyukayo noma owasalayo;

Uka jalj uñjjattʼäta



IsiLilo 2:22
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngakho-ke wabehlisela inkosi yamaKhaledi, yabulala izinsizwa zakhona ngenkemba endlini yabo engcwele. Ayibanga naluzwelo ensizweni, entombini, kwabadala, nasemidodovini; wabanikela bonke esandleni sayo.


Ngokuba ngikuzwile ukuhleba kwabaningi, nokwesabisa nxazonke. Baceba amacebo okumelana nami; bahlongoza ukungibulala.


Njalo lapho sedlula siyonibamba. Siyodabula njalo ekuseni, nasemini nasebusuku.” Kuyokwesabeka kakhulu ukuqondwa kombiko.


Ngakho-ke usho kanje uSimakade, uthi: ‘Bheka, ngiyakwehlisela inhlekelele phezu kwabo abangayukuphunyuka kuyo; bayakukhala kimi, kepha angiyukubezwa.


Ngabe uJuda usumlahle impela na? Umphefumulo wakho usunengiwe yini iZiyoni na? Usishayeleni size singabi nakuphiliswa na? Besibheke ukuthula, kodwa akukho okuhle; nesikhathi sokusindiswa, kodwa luvalo lodwa.


Ngakusasa uPhashuri wamkhipha uJeremiya ejele. UJeremiya wathi kuye: “USimakade akakubizanga ngokuthi unguPhashuri, kodwa unguMagori Misabibi.


Emveni kwalokho,” kusho uSimakade, “ngiyakunikela uZedekiya, inkosi yakwaJuda, izinceku zakhe nabantu, kulo muzi, abayosinda obhubhaneni, enkembeni, endlaleni, esandleni sikaNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, esandleni sezitha zabo, esandleni sabafuna ukuphila kwabo; uyakubabhubhisa ngenkemba, angabi naluzwelo, nasihe futhi angabi namusa kubo.” ’


“Ngakho-ke usho kanje uSimakade uNkulunkulu Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: nikwenzelani lokhu okubi kangaka kinina uqobo, niqede kini abesilisa, abesifazane, izingane nabasancelayo kubaJuda, nize ningazishiyeli nansali na?


Kepha ngiboneni na? Bayathuthumela, babuyela emuva. Amaqhawe abo ayakunqotshwa, ayabaleka nokubaleka, awasabheki emuva; kukhona ukwesaba nxazonke,” kusho uSimakade.


Ningaphumeli endle, ningahambi emgwaqweni, ngokuba isitha sinenkemba, kugcwele ukwesabeka nxazonke.


“Isithelo sesibeletho sakho, isithelo somhlabathi wakho, amankonyane ezinkomo zakho, namazinyane ezimvu zakho, kuyakuqalekiswa.