“Esokuqala sasinjengengonyama, sinamaphiko okhozi. Ngabuka aze ahluthwa amaphiko aso, saphakanyiswa emhlabeni, samiswa ngezinyawo ezimbili njengomuntu, sanikwa inhliziyo yomuntu.
IsAmbulo 9:7 - IsiZulu 2020 Isikhonyane sasifana namahhashi aboshelelwe ukuya empini, emakhanda aso kukhona okufana nemiqhele enjengegolide, ubuso baso bufana nobuso babantu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Nesimo sesikhonyane sasifana namahhashi alungiselwe ukulwa, nasemakhanda aso kukhona okunjengemiqhele efana negolide, nobuso bunjengobuso babantu; Baasraak Zulu New Testament Bible Nesimo sesikhonyane sasifana namahhashi alungiselwe ukulwa; emakhanda azo kukhona okunjengemiqhele efana negolide, nobuso bazo bunjengobuso babantu. Contemporary Zulu Bible 2024 Nesimo sesikhonyane sasifana namahhashi alungiselwe ukulwa; emakhanda azo kukhona okunjengemiqhele efana negolide, nobuso bazo bunjengobuso babantu. |
“Esokuqala sasinjengengonyama, sinamaphiko okhozi. Ngabuka aze ahluthwa amaphiko aso, saphakanyiswa emhlabeni, samiswa ngezinyawo ezimbili njengomuntu, sanikwa inhliziyo yomuntu.
“Kuthe ngisacabanga ngezimpondo; bheka, kwavela phakathi kwazo olunye uphondo, oluncane, kwathi izimpondo ezintathu zokuqala ezazingaphambi kwalo zabhonculwa, kulolo phondo kwakukhona amehlo anjengamehlo omuntu, nomlomo okhuluma ngokuzigqaja.
Abalindi bakho banjengokhumbintethe, nezikhulu zakho zifana nequlu lesikhonyane sihlezi odongeni ngosuku lwamakhaza, kuthi lapho kuphuma ilanga sindize, singabe sisaziwa ukuthi sikuyiphi indawo.
Ngase ngibona: kwakukhona ihhashi elimhlophe, nogibele kulo ephethe umnsalo, wanikwa umqhele, waphuma ngokunqoba eya ukuyonqoba.
Kwaphuma isikhonyane entuthwini, saqonda emhlabeni, sanikwa amandla afana nalawo anikwa ofezela bomhlaba.