Kwema kwathi phuhle, kodwa angikwazanga ukubona isimo sakho. Kwakumi okuthile phambi kwami, ngezwa ukunyenyeza nezwi, lithi:
IsAmbulo 8:1 - IsiZulu 2020 Kuthe lapho livula uphawu lwesikhombisa, kwathi cwaka ezulwini cishe ingxenye yehora. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kuthe ukuba liluvule uphawu lwesikhombisa, kwathi du ezulwini kungathi inxenye yehora. Baasraak Zulu New Testament Bible Lapho livula uphawu lwesikhombisa, kwaba khona ukuthula ezulwini kwangaba yingxenye yehora. Contemporary Zulu Bible 2024 Lapho livula uphawu lwesikhombisa, kwaba khona ukuthula ezulwini kwangaba yingxenye yehora. |
Kwema kwathi phuhle, kodwa angikwazanga ukubona isimo sakho. Kwakumi okuthile phambi kwami, ngezwa ukunyenyeza nezwi, lithi:
Thula phambi kukaSimakade, umlindele ngesineke; ungakhathazeki ngonempumelelo endleleni yakhe, ngomuntu oceba amacebo amabi.
Mphefumulo wami, thula, ulindele uNkulunkulu kuphela, ngokuba insindiso yami ivela kuye.
Kodwa uSimakade esethempelini lakhe elingcwele; thula phambi kwakhe, mhlaba wonke.”
Thulani du, bantu nonke phambi kukaSimakade, ngokuba usesukile, waphuma endaweni yakhe engcwele.”
Ngase ngibona esandleni sokunene salowo owayehleli esihlalweni sobukhosi incwadi ilotshwe ngaphakathi nangaphandle, inamatheliswe yasicilelwa ngezisicilelo eziyisikhombisa.
Ahlabelela iculo elisha, elithi: “Ufanele Wena ukuyithabatha incwadi, nokuqaqa izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wabathengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuyo yonke imindeni, izilimi, abantu, nezizwe.
Ngase ngibona lapho iWundlu livula olunye lwezimpawu eziyisikhombisa, ngezwa esinye sezidalwa ezine sisho ngezwi okungathi ngumsindo wokuduma kwezulu, sithi: “Woza!”
Ngase ngibona lapho livula uphawu lwesithupha, kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, ilanga laba mnyama bhuqe njengendwangu eyisaka loboya, nenyanga yonke yaba njengegazi,
Kwathi lapho selivula uphawu lwesibili, ngezwa isidalwa sesibili sithi: “Woza!”
Kuthe selivula uphawu lwesithathu, ngezwa isidalwa sesithathu sithi: “Woza!” Ngase ngibona: nanto ihhashi elimnyama, nogibele kulo ephethe isilinganisi esandleni sakhe.
Kwathi lapho selivula uphawu lwesine, ngezwa izwi lesidalwa sesine, lithi: “Woza!”
Kuthe nalapho selivula uphawu lwesihlanu, ngabona phansi kwe-althare imiphefumulo yababebulewe ngenxa yezwi likaNkulunkulu nangenxa yobufakazi ababenabo.