Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




IsAmbulo 7:3 - IsiZulu 2020

yathi: “Ningawoni umhlaba, noma ulwandle noma izihlahla, size sizibeke uphawu emabunzini izinceku zikaNkulunkulu wethu.”

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

yathi: “Ningoni umhlaba, nolwandle, nemithi, size sizibeke uphawu izinceku zikaNkulunkulu wethu emabunzini azo.”

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

esithi: Lingawoni umhlaba, lolwandle, lezihlahla, size sibeke uphawu izinceku zikaNkulunkulu wethu emabunzini azo.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Esithi: Lingawoni umhlaba, lolwandle, lezihlahla, size sibeke uphawu izinceku zikaNkulunkulu wethu emabunzini azo.

Uka jalj uñjjattʼäta



IsAmbulo 7:3
31 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Igazi liyokuba wuphawu lwenu ezindlini lapho nihleli khona: uma ngibona igazi, ngiyokwedlula kini, ngeke ubhubhane lunibhubhise lapho ngishaya iGibhithe.


Ngokuba uSimakade uzokwedlula ashaye iGibhithe, kuyothi lapho ebona igazi emakhothameni nasezinsikeni zeminyango, uSimakade awedlule lowo mnyango, angamvumeli umbhubhisi ukuba eze ezindlini zenu ukuba abhubhise.


Ngokubaxosha nokubadingisa ubajezisile, wabasusa ngomoya wakhe onamandla, ngosuku lomoya wasempumalanga.


Asikho isikhali esenzelwa wena esiyakuphumelela; uyakumisa lonke ulimi olukuvukelayo ekwehlulelweni; lokhu kuyifa lezinceku zikaSimakade nokumelwa kwazo okuvela kimi,” kusho uSimakade.


Ngisho noma kusasele ingxenye yeshumi kulo, iyobuye ishiswe njengomtherebhinte nomu-okhi okusiqu sakho simi lapho kugawulwa khona, inzalo engcwele iyisiqu sakho.”


Usho kanje uSimakade, uthi: “Njengalokhu iwayini elisha litholwa ehlukuzweni lamagilebhisi, bese kuthiwa: ‘Ningaloni ngokuba kunesibusiso esikulo,’ ngiyokwenza kanjalo, ngenxa yenceku yami: angiyukubabulala bonke.


USimakade wathi kuyo: “Dabula emzini, phakathi eJerusalema, ubeke uphawu emabunzini abantu ababubulayo bequma ngenxa yazo zonke izinengiso ezenziwa kulo.”


Niyobulala niqede nya amaxhegu, izinsizwa, izintombi, izingane nabesifazane, kodwa ningasondeli kumuntu onophawu; niyakuqala endlini yami engcwele.” Amalunga aqala ngamadoda ayephambi kwendlu.


Uma kunjalo, uNkulunkulu wethu esimkhonzayo unamandla okusikhulula esithandweni somlilo ovuthayo; yebo, uyakusikhulula esandleni sakho, nkosi.


Wayesesondela uNebukhadinezari emnyango wesithando somlilo ovuthayo; wakhuluma wathi: “Shadirakhi, Meshakhi, no-Abhedi Nego, nina zinceku zikaNkulunkulu oPhezukonke, phumani nize lapha.” Base bephuma oShadirakhi, noMeshakhi, no-Abhedi Nego phakathi komlilo.


Yayisiyaleza inkosi, walethwa uDaniyeli, waphonswa emphandwini wezingonyama. Inkosi yakhuluma, yathi kuDaniyeli: “Sengathi uNkulunkulu wakho omkhonza njalo angakuhlenga.”


Funani uSimakade nina nonke enithobekileyo bomhlaba, nina enenze izehlulelo zakhe, funani ukulunga, nifune ukuthobeka, mhlawumbe niyakukhoseliswa ngosuku lolaka lukaSimakade.


Niyakubuye futhi nehlukanise kahle phakathi kolungileyo nongalungile, phakathi kokhonza uNkulunkulu nongamkhonzi.”


Ukuba lezo zinsuku bezingafinyezwanga, bekungesindiswe muntu, kodwa ngenxa yabakhethiweyo ziyakufinyezwa.”


Iyakuthuma izingelosi zayo ngokukhala kwecilongo okukhulu, ziqoqe abakhethiweyo bayo emagumbini omane omhlaba, kusukela emkhawulweni wezulu kuze kube komunye.


Uma umuntu efuna ukungikhonza, makangilandele; lapho ngikhona Mina, siyakuba khona lapho nesikhonzi sami. Uma umuntu engikhonza, uBaba uyakumazisa.


Lowo owamukela ubufakazi bakhe, uyaqinisekisa ukuthi uNkulunkulu uqinisile.


Kepha manje senikhululiwe esonweni, naba ngabakhonza uNkulunkulu; seninazo izithelo enizithelayo, kube ngukungcweliswa, nesiphetho salokho ngukuphila okuphakade.


Senza bonke abancane nabadala, abacebileyo nabampofu, abakhululekileyo nabayizigqila, ukuba babekwe uphawu esandleni sabo sokunene noma ebunzini labo,


nokuba kungabi bikho oyothenga noma athengise ngalo, ngaphandle kwalowo onophawu, igama lesilo noma inombolo yegama laso.


Ngabona: nanto iWundlu limi entabeni iZiyoni, likanye nabayizi-144 000, belotshiwe igama lalo negama likaYise emabunzini abo.


Kwabuye kwalandela futhi enye ingelosi yesithathu yamemeza ngezwi elikhulu, ithi: “Uma kukhona okhonza isilo nomfanekiso waso, nofumene futhi uphawu ebunzini lakhe noma esandleni sakhe,


ngokuba ziqotho, futhi zilungile izehlulelo zakhe, ngokuba usehlulele isifebe esikhulu esonakalisa umhlaba ngobufebe baso, uliphindiselele igazi lezinceku zakhe esandleni saso.”


Ngase ngibona izihlalo zobukhosi, bahlala kuzo, banikwa amandla okwahlulela. Ngabona imiphefumulo yalabo ababenqunywe amakhanda ngenxa yobufakazi ngoJesu, nangenxa yezwi likaNkulunkulu, nalabo abangakhulekanga kuso isilo nasemfanekisweni waso, nabangalwemukelanga uphawu lwaso emabunzini abo nasezandleni zabo. Baphila babusa noKhristu iminyaka eyinkulungwane.


zibone ubuso bakhe, negama lakhe liyakuba semabunzini azo.


Ngase ngizwa kusengathi yizwi phakathi kwezidalwa ezine lithi: “Imbenge kakolo ngodenariyu, nezimbenge ezintathu zebhali ngodenariyu, kodwa amafutha newayini ungakoni.”


Emveni kwalokho, ngabona izingelosi ezine zimi emagumbini omane omhlaba, zibambe imimoya emine yomhlaba, ukuze kungavunguzi moya emhlabeni, olwandle, nakwesisodwa sezihlahla.


Ngase ngibona enye ingelosi yenyuka empumalanga, inophawu lukaNkulunkulu ophilayo, yamemeza ngezwi elikhulu kuzo izingelosi ezine ezanikwa amandla okuba ziwone umhlaba nolwandle,


Satshelwa ukuba singalokothi sone utshani bomhlaba, noma yini eluhlaza, noma nje isihlahla esisodwa, kuphela labo bantu abangenalo uphawu lukaNkulunkulu emabunzini abo.