Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UEksodusi 12:23 - IsiZulu 2020

23 Ngokuba uSimakade uzokwedlula ashaye iGibhithe, kuyothi lapho ebona igazi emakhothameni nasezinsikeni zeminyango, uSimakade awedlule lowo mnyango, angamvumeli umbhubhisi ukuba eze ezindlini zenu ukuba abhubhise.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Ngokuba uJehova uyakudabula ukuyoshaya abaseGibithe; nanxa ebona igazi elisekhothameni nasezinsikeni zombili, uJehova uyakudlula kulowo mnyango, angamvumeli umbhubhisi ukuba angene ezindlini zenu ukuyobulala.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Ngokuba uJehova uyakudabula ukuba anqobe abaseGibithe; uma ebona igazi embundwini ongaphezulu nasezinsikeni zombili zomnyango, uJehova uyakudlula ngasemnyango, angamvumeli umchithi ukuba angene ezindlini zenu ukuba anihlule.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UEksodusi 12:23
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Lapho ingelosi yelula isandla sayo ukuba ibhubhise iJerusalema, uSimakade wazisola ngalobo bubi, wayimisa ingelosi eyayibhubhisa abantu, wathi: “Sekwanele.” Ingelosi kaSimakade yayisesibuyeni sika-Arawuna, umJebusi.


Sengathi ungangifihla endaweni yabafileyo, ungisithe kuze kudlule intukuthelo yakho, unginqumele isikhathi, ungikhumbule.


UMose wathi: “Usho kanje uSimakade: ‘Phakathi kwamabili ngizodabula kulo lonke iGibhithe.


Bayakuthatha ingxenye yegazi balibhece ezinsikeni zombili zomnyango, nasemakhothameni eminyango yezindlu abayakudlela kuzo.


Hambani bantu bami, niye ezindlini zenu, nizivalele khona, nicashe isikhashana, luze lwedlule ulaka.


Ingelosi kaSimakade yaphuma yabulala enkanjini yabase-Asiriya abayizi-185 000. Kuvukwa ngakusasa, babona ukuthi bonke babefile kuyizigingqane zezidumbu.


USimakade wathi kuyo: “Dabula emzini, phakathi eJerusalema, ubeke uphawu emabunzini abantu ababubulayo bequma ngenxa yazo zonke izinengiso ezenziwa kulo.”


Niyobulala niqede nya amaxhegu, izinsizwa, izintombi, izingane nabesifazane, kodwa ningasondeli kumuntu onophawu; niyakuqala endlini yami engcwele.” Amalunga aqala ngamadoda ayephambi kwendlu.


Maningakhonondi njengokuba abanye babo bakhononda, babhujiswa ngumbhubhisi.


Ngokukholwa, wamisa iPhasika nokufafaza ngegazi, ukuze umbhubhisi angawathinti amazibulo abo.


nakuJesu, umxhumanisi wesivumelwano esisha, nasegazini lokufafaza elikhuluma okukhulu kunelika-Abela.


yathi: “Ningawoni umhlaba, noma ulwandle noma izihlahla, size sizibeke uphawu emabunzini izinceku zikaNkulunkulu wethu.”


Satshelwa ukuba singalokothi sone utshani bomhlaba, noma yini eluhlaza, noma nje isihlahla esisodwa, kuphela labo bantu abangenalo uphawu lukaNkulunkulu emabunzini abo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka