Bazoba nokwesaba okukhulu, ngoba uNkulunkulu umi naso isizukulwane sabalungileyo.
IsAmbulo 6:16 - IsiZulu 2020 base bethi ezintabeni nasemaweni: “Welani phezu kwethu, nisifihle ebusweni balowo ohlezi esihlalweni sobukhosi, nasolakeni lweWundlu, IBHAYIBHELI ELINGCWELE base bethi ezintabeni nasemaweni: “Welani phezu kwethu, nisisithe ebusweni balowo ohlezi esihlalweni sobukhosi nasolakeni lweWundlu, Baasraak Zulu New Testament Bible bathi ezintabeni nasemadwaleni: Welani phezu kwethu, nisifihle ebusweni balowo ohlezi esihlalweni sobukhosi nasolakeni lweWundlu. Contemporary Zulu Bible 2024 bathi ezintabeni nasemadwaleni: Welani phezu kwethu, nisifihle ebusweni balowo ohlezi esihlalweni sobukhosi nasolakeni lweWundlu. |
Bazoba nokwesaba okukhulu, ngoba uNkulunkulu umi naso isizukulwane sabalungileyo.
Ngena edwaleni, ucashe othulini, ngenxa yokwesabeka kukaSimakade nenkazimulo yobukhosi bakhe.
Insali yonke eseleyo kulowo nalowo mndeni omubi, iyoqoma ukufa kunokuphila, leyo eyosala ezindaweni zonke, lapho ngiyidingisele khona,’ ” kusho uSimakade Wamabandla.
Izindawo eziphakemeyo e-Aveni, eziyisono sakwa-Israyeli, ziyakubhidlizwa. Kuyakumila ameva namakhakhasi kumboze ama-althare abo; bayakuthi ezintabeni: “Simbozeni,” bathi emagqumeni: “Welani phezu kwethu.”
UJesu wayesethi kuye: “Usho khona. Nokho ngithi kini: kusukela manje niyakuyibona iNdodana yomuntu ihleli ngakwesokunene saMandla, iza ngamafu ezulu.”
UJesu waqalaza nxazonke ebabuka, ethukuthele, edabukile kakhulu ngenxa yobulukhuni bezinhliziyo zabo. Wayesethi kulowo muntu: “Yelula isandla sakho.” Waselula, saphiliswa isandla sakhe.
Khona “bayakuqala bathi ezintabeni: ‘Welani phezu kwethu,’ nasemagqumeni, bathi: ‘Sisibekeleni.’
yafunga Yena ophilayo kuze kube phakade naphakade, owadala izulu nakho konke okukulo, umhlaba nakho konke okukuwo, nolwandle nakho konke okukulo, yathi: “Akusayukuba bikho kubambezeleka.
Emlonyeni wakhe kwaphuma inkemba ebukhali, ukuze ashaye izizwe ngayo. Uyakuzibusa ngentonga yensimbi, Yena anyathele isikhamo sewayini lentukuthelo yolaka lukaNkulunkulu uSomandla.
Ngase ngibona isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe nohleli kuso; obuso bakhe babalekelwa yizulu nomhlaba, akwatholelwa ndawo.
Masinyane ngaba kuMoya. Kwase kumiswa isihlalo sobukhosi ezulwini, kukhona ohlezi phezu kwaso;
Esihlalweni sobukhosi kwaphuma imibani, amazwi, nokuduma. Izibani zomlilo eziyisikhombisa zavutha phambi kwesihlalo sobukhosi, ezingoMoya bakaNkulunkulu abayisikhombisa.
Kwakuthi lapho izidalwa zimdumisa zimbonga ohleli esihlalweni sobukhosi, Yena ophilayo kuze kube phakade naphakade,
Ngase ngibona esandleni sokunene salowo owayehleli esihlalweni sobukhosi incwadi ilotshwe ngaphakathi nangaphandle, inamatheliswe yasicilelwa ngezisicilelo eziyisikhombisa.
Bamemeza ngezwi elikhulu, bathi: “Kuyoze kube nini, Mbusi ongcwele noqinisileyo, ungehluleli, uphindiselele igazi lethu kulaba abakhileyo emhlabeni na?”
Ngaleyo mihla abantu bayakukufuna ukufa, kodwa bangakufumani; futhi bayakukufisa ukufa, kepha ukufa kubabalekele.