Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




IsAmbulo 6:13 - IsiZulu 2020

izinkanyezi esibhakabhakeni zawela emhlabeni njengomkhiwane uvuthulula amakhiwane awo angakavuthwa, lapho unyakaziswa ngumoya omkhulu,

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

nezinkanyezi zezulu zawela emhlabeni njengomkhiwane uvuthulula umphobo wawo, nxa uzanyazanyiswa ngumoya omkhulu,

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Izinkanyezi zezulu zawela emhlabeni, njengomkhiwane uvuthulula amakhiwane awo amadala, lapho unyakaziswa ngumoya onamandla.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Izinkanyezi zezulu zawela emhlabeni, njengomkhiwane uvuthulula amakhiwane awo amadala, lapho unyakaziswa ngumoya onamandla.

Uka jalj uñjjattʼäta



IsAmbulo 6:13
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Uyakuvuthulula amagilebhisi akhe aluhlaza njengomvini, awohloze imbali yakhe njengomnqumo.


Ngokuba izinkanyezi zezulu nomthala akuyukukhanya; ukukhanya kwakho kuyofiphala, ilanga liyoshona entathakusa, nenyanga lapho iphuma ayiyukukhanya.


Izwe lididekile, lidangele, iLebhanoni lithelwe ngamahloni, liyabuna, iSharoni linjengehlane, iBhashani neKharmeli kuyavuthuluka.


Ibandla lonke ezulwini liyakuphela, izulu lisongwe njengomqulu; ibandla lonke liyakubuna njengokubuna kweqabunga emvinini, nanjengokubuna kwekhiwane emkhiwaneni.


Kwathi lapho bezwa abendlu kaDavide, kuthiwa: “I-Aramu libambisene no-Efrayimi,” inhliziyo yakhe neyabantu bakhe yangenwa yitwetwe, banyakaza njengezihlahla zehlathi zinyakaziswa ngumoya.


Kuyakuthi lapho sengiqeda nya ngawe, ngisibekele amazulu, ngenze izinkanyezi zawo zibe mnyama, ngilemboze ngefu ilanga, nenyanga ingakhanyisi ngokukhanya kwayo.


Wamemeza kakhulu, esho kanje, ethi: ‘Gawula isihlahla, unqume amagatsha aso, uvuthulule amaqabunga aso, uhlakaze izithelo zaso. Izilwane mazisuke phansi kwaso, nezinyoni emagatsheni aso.


Lwakhula kwaze kwaba nasebandleni lasezulwini, lwakuphonsa phansi okunye kwebandla, nokwezinkanyezi, lwakunyathela.


Ilanga liyakuphenduka ubumnyama, inyanga ibe yigazi, lungakafiki usuku olukhulu nolwesabekayo lukaSimakade.


Zonke izinqaba zakho ziyimikhiwane enamakhiwane okuqala asevuthiwe; uma inyakaziswa awela emlonyeni wodlayo.


“Masinyane nje emva kosizi lwalezo zinsuku, “ ‘ilanga liyakufiphazwa, inyanga ayiyukukhanya, izinkanyezi ziyakuwa emkhathini, namandla ezulu ayakuzanyazanyiswa.’


izinkanyezi ezulwini ziyakuwa, namandla asezulwini ayakuzanyazanyiswa.


“Kuyakuba khona izibonakaliso elangeni, enyangeni, nasezinkanyezini. Izizwe emhlabeni zehlelwe usizi nokudideka ngenxa yokuhlokoma kolwandle nokudlanga kwamaza alo.


Ingelosi yesihlanu yayisibetha icilongo; ngase ngibona inkanyezi ivela ezulwini, iwela emhlabeni, yanikwa isihluthulelo somgodi wakwalasha.