“Kepha hamba wena kuze kube sekupheleni; sewuphumulile, uyakuma esabelweni sakho ekupheleni kwezinsuku.”
IsAmbulo 6:11 - IsiZulu 2020 Base benikwa, yilowo nalowo ingubo emhlophe, batshelwa ukuthi kusazokuba yisikhashana baphumule, size sipheleliswe isibalo sabayizinceku kanye nabo, nabazalwane babo ababesazobulawa njengabo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Base benikwa, kwaba yilowo nalowo ingubo ende emhlophe, kwashiwo kubo ukuba baphumule isikhashana, baze baphelele abayizinceku kanye nabo nabazalwane babo ababezakubulawa njengabo. Baasraak Zulu New Testament Bible Base benikwa bonke izingubo ezimhlophe; Kwathiwa kubo ukuthi basaphumule isikhashana, kuze kugcwaliseke nezinceku ezikanye nabo nabafowabo ababezobulawa njengabo. Contemporary Zulu Bible 2024 Base benikwa bonke izingubo ezimhlophe; Kwathiwa kubo ukuthi basaphumule isikhashana, kuze kugcwaliseke nezinceku ezikanye nabo nabafowabo ababezobulawa njengabo. |
“Kepha hamba wena kuze kube sekupheleni; sewuphumulile, uyakuma esabelweni sakho ekupheleni kwezinsuku.”
“Umuntu uyakumkhaphela ekufeni umfowabo, noyise akhaphele umntwana wakhe. Abantwana bayakuvukela abazali, bababulale.
“Kepha uyise wathi ezincekwini zakhe: ‘Sheshani nilethe ingubo yakwanokusho, niyembathise, niyifake indandatho esandleni sayo nezicathulo ezinyaweni,
Bayakunikhipha emasinagogeni; yebo, isikhathi siyeza lapho bonke abanibulalayo beyakuthi basebenzela uNkulunkulu.
Kepha ukuphila kwami ngikushaya indiva ukuze kungabi yigugu kimi; okubalulekile ukuba ngiluphothule uhambo lwami nomsebenzi engawunikwa yiNkosi uJesu ukuba ngifakaze ngevangeli lomusa kaNkulunkulu.
bese nina enihluphekayo aniphe ukuphumula kanye nathi ekwambuleni kweNkosi uJesu, ivela ezulwini, inezingelosi zamandla ayo,
ngokuba uNkulunkulu wayesibonele okuhle kunalokho, ukuze bangapheleliswa ngaphandle kwethu.
nasebandleni lamazibulo abhaliwe ezulwini, nakuNkulunkulu, uMehluleli wabo bonke, nakuyo imimoya yabalungileyo abaphelelisiweyo,
Ngokuba ongenile ekuphumuleni kwakhe yena uyaphumula emisebenzini yakhe njengalokhu uNkulunkulu aphumula kweyakhe.
yafunga Yena ophilayo kuze kube phakade naphakade, owadala izulu nakho konke okukulo, umhlaba nakho konke okukuwo, nolwandle nakho konke okukulo, yathi: “Akusayukuba bikho kubambezeleka.
Sanikwa futhi ukuba siwuphe umfanekiso wesilo umoya, ukuze umfanekiso wesilo ukhulume, senze futhi ukuba bonke abangakhuleki emfanekisweni wesilo babulawe.
Ngase ngizwa izwi livela ezulwini, lithi: “Loba ukuthi: babusisiwe abafileyo abafele eNkosini, kusukela manje.” “Yebo,” kusho uMoya, “ukuze baphumule emisebenzini yabo, ngokuba imisebenzi yabo iyabalandela.”
Ngase ngibona owesifazane edakwe yigazi labangcwele negazi lofakazi bakaJesu. Ngamangala ngokumangala okukhulu.
Ngase ngithi kulo: “Nkosi yami, nguwena owaziyo.” Lase lithi kimi: “Laba yibo abaphuma osizini olukhulu, bahlanza izingubo zabo, bazenza zaba mhlophe egazini leWundlu.
Emveni kwalokho ngabona: kwakunesixuku esikhulu esasingenakubalwa muntu sivela ezizweni zonke, emindenini, kubantu, nezilimi, simi phambi kwesihlalo sobukhosi, naphambi kweWundlu, sembethe izingubo ezimhlophe, siphethe amahlamvu esundu ngezandla.