Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




IsAmbulo 3:9 - IsiZulu 2020

Lalela-ke, ngiyakubakhipha esinagogeni likaSathane labo abazishaya abaJuda bengesibo, kodwa beqamba amanga. Ngiyakubenza ukuba beze bakhuleke phambi kwezinyawo zakho, bazi ukuthi ngikuthandile.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Bheka, ngiyakubakhipha esinagogeni* likaSathane abazishaya abaJuda bengesibo, kepha beqamba amanga; bheka, ngiyakubenza ukuba beze bakhuleke phambi kwezinyawo zakho, bazi ukuthi ngikuthandile.

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Bheka, ngiyakubakhipha esinagogeni likaSathane, abathi bangamaJuda, bengesiwo, kodwa beqamba amanga; bheka, ngiyakubenza ukuba beze bakhuleke phambi kwezinyawo zakho, bazi ukuthi ngikuthandile.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Bheka, ngiyakubakhipha esinagogeni likaSathane, abathi bangamaJuda, bengesiwo, kodwa beqamba amanga; bheka, ngiyakubenza ukuba beze bakhuleke phambi kwezinyawo zakho, bazi ukuthi ngikuthandile.

Uka jalj uñjjattʼäta



IsAmbulo 3:9
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kulowo nalowo muzi, nakuleso sifundazwe, lapho izwi lenkosi nomthetho wayo kwase kufinyelele khona, kwaba nenjabulo nentokozo, abaJuda benedili, nosuku oluhle, bejabulile. Abantu abaningi bendawo baphenduka baba ngabaJuda, ngoba base bebesaba abaJuda.


Ngakho-ke zonke lezi zikhulu zizokuza kimi, zingikhothamele, zithi: ‘Hamba wena nabantu bonke abakulandelayo.’ Emveni kwalokho ngizohamba.” Waphuma wamshiya uFaro evutha bhe wulaka.


Ngokuba uyigugu emehlweni ami, uhloniphekile, futhi ngiyakuthanda; ngiyonikela abantu esikhundleni sakho, nezizwe esikhundleni sokuphila kwakho.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Ingcebo yaseGibhithe nokuzuziweyo kwaseKhushe, nangamaShebha, abantu abade; kuyakuza kuwe, kube ngokwakho; bayakukulandela, bafike beboshwe ngamaketanga; bakukhothamele, bakhuleke kuwe, bathi: ‘UNkulunkulu unani kuphela, akekho omunye, akekho omunye uNkulunkulu ngaphandle kwakhe.’ ”


Amakhosi ayakuba ngabazanyana bakho, nezindlovukazi zawo zibe ngabancelisi bakho; bayokukhothamela, ubuso bubheke phansi, bakhothe uthuli lwezinyawo zakho; uyokwazi ukuthi nginguSimakade, abethembela kimi abayukujabha.”


Amadodana alabo abakuhluphileyo ayoza kuwe ekhokhoba, ekuhlonipha, nabo bonke abakwedelelayo bayokhothama ngasematheni ezinyawo zakho, bakubize ngokuthi nguMuzi kaSimakade neZiyoni loNgcwele ka-Israyeli.


Mina ngikubo, nawe ukimi, baze bapheleliswe ebunyeni, ukuze umhlaba wazi ukuthi Wena ungithumile, nabo wabathanda njengalokhu ungithandile.


ngiyakwazi ukuhlupheka kwakho nobumpofu bakho, kodwa ube ucebile, nenhlamba yalabo abathi bangabaJuda bengesibo, kodwa beyisinagoge likaSathane.


Kuyakuthi bonke abasele endlini yakho, bafike bamkhothamele ngohlamvu lwesiliva nangeqebelengwane lesinkwa, bathi: “Ake ungibeke kwesinye sezikhundla zomphristi ukuze ngidle ucezu lwesinkwa.” ’ ”