Ngiyakushiya kwa-Israyeli abayizi-7 000, bonke abamadolo abo engazange aguqe kuBhali nemilomo yabo yonke engazange imange.”
IsAmbulo 3:4 - IsiZulu 2020 “ ‘Nokho kusekhona abantu abambalwa eSardesi abangazingcolisanga izingubo zabo. Bayakuhamba nami bembethe ezimhlophe, ngokuba bafanele. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Kepha-ke unamagama ayingcosana eSardesi alabo abangangcolisanga izingubo zabo; bayakuhamba nami bembethe okumhlophe, ngokuba bafanele. Baasraak Zulu New Testament Bible Unamagama ayingcosana naseSardesi alabo abangangcolisanga izingubo zabo; bayakuhamba nami ngembethe ezimhlophe, ngokuba bafanele. Contemporary Zulu Bible 2024 Unamagama ayingcosana naseSardesi alabo abangangcolisanga izingubo zabo; bayakuhamba nami ngembethe ezimhlophe, ngokuba bafanele. |
Ngiyakushiya kwa-Israyeli abayizi-7 000, bonke abamadolo abo engazange aguqe kuBhali nemilomo yabo yonke engazange imange.”
Ngesikhathi uMoridekhayi ephuma esigodlweni wayegqoke ingubo yasebukhosini enokuluhlaza sasibhakabhaka nokumhlophe, umjiva welineni elicolekileyo elibukhwebezane, nomqhele omuhle ocwebezelayo wegolide. Kwachwaza umuzi waseShushani ngomsindo wenjabulo nentokozo.
Izingubo zakho azihlale zimhlophe, nekhanda lakho lihlale ligcotshwe ngamafutha.
Ukuba uSimakade Wamabandla ubengasishiyelanga insali, besiyakufana neSodoma, sibe njengeGomora.
Vuka, vuka, wembathe amandla akho, Ziyoni, ugqoke izingubo zakho zakwanokusho, wena Jerusalema, muzi ongcwele, ngokuba akusayukungena kuwe ongasokile nongcolileyo.
Ubulwembu baso abuyukuba yingubo, abanakuzimboza ngalokho abakwenzileyo; imisebenzi yabo ingeyobubi nezenzo zendluzula zisezandleni zabo.
Ngiyothokoza kakhulu ngoSimakade, umphefumulo wami wename ngoNkulunkulu wami, ngokuba ungembathise izingubo zensindiso, wangisibekela ngesembatho sokulunga, okomyeni ethwele umshuqulu njengomphristi, nanjengomakoti ezihlobise ngemvunulo.
ngenze ukuba abalilayo eZiyoni baphiwe amaqhiya esikhundleni somlotha; amafutha enjabulo esikhundleni sokulila; ingubo yokudumisa esikhundleni somoya odangeleyo; ukuze babizwe ngokuthi yimithi yokulunga, nokutshalwe nguSimakade, ukuze adunyiswe.
Sonke sesiphenduke saba njengongcolileyo; zonke izenzo zethu ezilungileyo sezifana nengubo engcolileyo. Sonke sesibune njengeqabunga, nobubi bethu busiphephula njengomoya.
noma ngabe sisezintanjeni eziqondileyo noma sikwezinqamulayo, ezelineni noma ezoboya bezimvu, noma sisesikhumbeni, noma sisentweni eyenziwe ngesikhumba,
“Nakunoma yimuphi umuzi noma umuzana eniyakungena kuwo, anocinga ofaneleyo, bese nihlala kuwo, nize nihambe kuleyo ndawo.
Kuthe sebengena ethuneni, babona insizwa ihlezi ngakwesokunene, yembethe ingubo emhlophe; bethuka.
Kepha labo okuzakuthiwa bafanele ukufinyelela kwelizayo nasekuvukeni kwabafileyo, kabaganwa futhi kabendiswa.
Ngakho-ke lindani, nikhuleke ngezikhathi zonke ukuze nikwazi ukuphunyuka kukho konke lokhu okuzakukwenzeka, nokuba nime phambi kweNdodana yomuntu.”
Kwathi ngaleyo mihla, uPhethro wasukuma phakathi kwabazalwane, isixuku sabantu esasibuthene lapho kwakungathi yi-120, wathi:
Lokho kungubufakazi obucacileyo bokwehlulela kukaNkulunkulu okulungileyo, ukuze kuthiwe ningabawulungeleyo umbuso kaNkulunkulu enihlupheka ngenxa yawo.
Nibasindise abanye ngokubahlwitha emlilweni, nibahawukele abanye, kodwa nibe nokwesaba, nenyanye ngisho nesembatho esingcoliswe yinyama yabo.
lithi: “Lokhu okubonayo kulobe encwadini, ukuthumelele emabandleni ayisikhombisa: e-Efesu, eSimirna, ePhergamu, eThiyathira, eSardesi, eFiladelfiya naseLawodikheya.”
Ngalelo hora kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, kwathi okweshumi komuzi kwawa, kwafa ekuzamazameni komhlaba abantu abayizi-7 000, kwathi abasalayo bashaywa wuvalo, bamdumisa uNkulunkulu wezulu.
Laba, yilabo abangangcoliswanga ngabesifazane, ngokuba bayizindela. Laba yibo abalandela iWundlu noma kuphi lapho laliya khona. Laba bathengwa ebantwini ukuba babe lulibo kuNkulunkulu nakulo iWundlu,
Amaviyo empi yasezulwini amlandela, egibele amahhashi amhlophe, embethe ilineni elicolekileyo, elimhlophe nelihlanzekileyo.
Wanikwa ukuba embathe ilineni elicolekileyo, elikhazimulayo nelihlanzekileyo.” Ngokuba ilineni elicolekileyo liyizenzo zabangcwele ezilungileyo.
Ngiyakweluleka ukuba uthenge igolide elihlanzwe ngomlilo kimi ukuze ucebe, nezingubo ezimhlophe ukuba wembathe, lingabonakali ihlazo lobuze bakho, futhi uthole nomuthi wokugcoba amehlo akho ukuze ubone.
Onqobayo uyakwembathiswa kanjalo izingubo ezimhlophe, igama lakhe angisoze ngalesula encwadini yokuphila, futhi ngiyakulivuma igama lakhe phambi kukaBaba naphambi kwezingelosi zakhe.
Isihlalo sobukhosi sasizungezwe yizihlalo zobukhosi ezingama-24; phezu kwezihlalo zobukhosi kuhlezi amalunga angama-24, embethe izingubo ezimhlophe, ethwele imiqhele yegolide emakhanda.
Base benikwa, yilowo nalowo ingubo emhlophe, batshelwa ukuthi kusazokuba yisikhashana baphumule, size sipheleliswe isibalo sabayizinceku kanye nabo, nabazalwane babo ababesazobulawa njengabo.
Emveni kwalokho ngabona: kwakunesixuku esikhulu esasingenakubalwa muntu sivela ezizweni zonke, emindenini, kubantu, nezilimi, simi phambi kwesihlalo sobukhosi, naphambi kweWundlu, sembethe izingubo ezimhlophe, siphethe amahlamvu esundu ngezandla.