U-Eliya wasondela kubo bonke abantu, wathi: “Kuyoze kube nini ninqikaza phakathi kwezinhlangothi ezimbili na? Uma uSimakade enguNkulunkulu, mlandeleni Yena, kodwa uma kunguBhali, landelani yena.” Kepha abantu kabamphendulanga ngazwi.
IsAmbulo 3:15 - IsiZulu 2020 ngiyayazi imisebenzi yakho ukuthi kawubandi, kawushisi. Ngifisa sengathi ngabe uyabanda noma ushise. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngiyayazi imisebenzi yakho ukuthi kawubandi, kawushisi. Sengathi ngabe uyabanda noma ushise. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngiyayazi imisebenzi yakho, ukuthi awubandi, awushisi; ngabe uyabanda noma uyashisa. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngiyayazi imisebenzi yakho, ukuthi awubandi, awushisi; ngabe uyabanda noma uyashisa. |
U-Eliya wasondela kubo bonke abantu, wathi: “Kuyoze kube nini ninqikaza phakathi kwezinhlangothi ezimbili na? Uma uSimakade enguNkulunkulu, mlandeleni Yena, kodwa uma kunguBhali, landelani yena.” Kepha abantu kabamphendulanga ngazwi.
Inhliziyo yabo inobuqili; manje-ke bayakulithwala icala labo. USimakade uyakuwacekela phansi ama-althare abo, abhidlize izinsika zabo ezingcwele.
“U-Efrayimi uzihlanganisa nezizwe, usephunduke iqebelengwana lesinkwa elingaphendulwanga.
“Othanda uyise nonina kunami, akangifanele; nothanda indodana noma indodakazi kunami, akangifanele;
“Akekho ongakhonza amakhosi amabili. Ngokuba uyakuzonda enye, athande enye; noma abambelele kwenye, ayedelele enye. Ningeke nakhonza uNkulunkulu noMamona.
Ngokuba nginovalo lokuthi lapho ngifika kini, mhlawumbe ngizakunifumana ningenjengalokho engikulindele, nami ningifumane nginjengalokho eningakulindele. Nginovalo, hleze kube khona ukuphikisana, umona, ukuthukuthela, imibango, ukuhleba, ukuzikhukhumeza nezinxushunxushu,
Sengathi kungaba njalo enhliziyweni yabo, bangesabe, bayigcine njalo yonke imiyalelo yami, ukuze kube kuhle kubo nakubantwana babo kuze kube phakade.
Ikakhulukazi ngikhulekela ukuba uthando lwenu lwande kakhulu, lujule ekwazini nasekuqondeni konke,
Simelwe ukumbonga njalo uNkulunkulu ngani bazalwane, njengokuba kufanele, ngokuba ukukholwa kwenu kuyanda kakhulu, kanjalo futhi luyanda nothando lwenu nonke enithandana ngalo omunye nomunye.
Senihlambululile imiphefumulo yenu ngokulalela iqiniso, ukuze uthando lwenu lobuzalwane lungabi nakuzenzisa; nithandane ngokuphelele, omunye nomunye, kuqubuka enhliziyweni emhlophe.
ngiyayazi imisebenzi yakho, ukusebenza kanzima, nokubekezela kwakho, nokuthi awubabekezeleli ababi, nokuthi wabavivinya labo ababezibiza ngabaphostoli bebe bengesibo, wabafumana beqamba amanga.
“Nakuyo ingelosi yebandla laseSardesi loba, ukuthi: “ ‘Nakhu akushoyo onoMoya abayisikhombisa bakaNkulunkulu nezinkanyezi eziyisikhombisa, uthi: ngiyayazi imisebenzi yakho nokuthi unegama lokuthi uyaphila kanti ufile.
Ngakho-ke njengalokhu usivivi, ungashisi, ungabandi, ngizakukukhafula uphume emlonyeni wami.