Ngokuba emehlweni akho inkulungwane yeminyaka ingangosuku lwayizolo olwedlule, imfushane ngangomlindo wasebusuku.
IsAmbulo 20:3 - IsiZulu 2020 yamphonsa kwalasha, yamvalela phakathi, yavala ngci ngophawu ngaphezu kwakhe, ukuze angabe esazidukisa izizwe, ize iphele iminyaka eyinkulungwane. Emva kwalokho kumele ukuba akhululwe okwesikhashana. IBHAYIBHELI ELINGCWELE yamphonsa-ke kwalasha, yamvalela phakathi, yamqinisa ngophawu ngaphezu kwakhe, ukuze angabe esadukisa izizwe, ize iphele iminyaka eyinkulungwane; emva kwalokho kumelwe ukuba athukululwe isikhashana. Baasraak Zulu New Testament Bible Yayiphosela kwalasha, yamvalela, yafaka uphawu phezu kwayo, ukuze ingabe esazidukisa izizwe, ize igcwaliseke iminyaka eyinkulungwane, emva kwalokho imelwe ukukhululwa isikhashana. Contemporary Zulu Bible 2024 Yayiphosela kwalasha, yamvalela, yafaka uphawu phezu kwayo, ukuze ingabe esazidukisa izizwe, ize igcwaliseke iminyaka eyinkulungwane, emva kwalokho imelwe ukukhululwa isikhashana. |
Ngokuba emehlweni akho inkulungwane yeminyaka ingangosuku lwayizolo olwedlule, imfushane ngangomlindo wasebusuku.
Kwase kulethwa itshe, labekwa emlonyeni womphandu. Inkosi yalinamathelisa ngendandatho yayo nangendandatho yezikhulu zayo, ukuze kungaguqulwa lutho maqondana noDaniyeli.
Ngokuba kuyakuvela okhristu mbumbulu nabaphrofethi bamanga. Bayakuveza izibonakaliso ezinkulu nezimangaliso, ukuze badukise, uma kungenzeka, abakhethiweyo.
Abangasendleleni yilabo okuthi selihlwanyeliwe kubo izwi, balizwa, kodwa uSathane afike ngokushesha, alisuse izwi ebeselihlwanyelwe kubo.
Kepha nginovalo ukuthi njengalokho inyoka yamkhohlisa u-Eva ngobuqili bayo, kanjalo izingqondo zenu mhlawumbe zedukiswe, ziyeke ubuqotho nobumhlophe kuKhristu.
Bathandekayo, nize ningakhohlwa yilokhu okukodwa qwaba, ukuthi usuku lunye eNkosini lunjengeminyaka eyinkulungwane, nokuthi iminyaka eyinkulungwane injengosuku lunye.
Udrago omkhulu, inyoka endala okuthiwa nguMhlebi noSathane, odukisa umhlaba wonke; waphonswa phansi emhlabeni nezingelosi zakhe ezazinaye.
Siyabakhohlisa labo abakhileyo emhlabeni ngenxa yezibonakaliso esanikwa zona ukuba sizenze phambi kwesilo. Sitshela abakhileyo emhlabeni ukuba benze umfanekiso wesilo esasinenxeba lenkemba, kodwa esasinda.
afeba naso amakhosi omhlaba; nabakhileyo emhlabeni badakwa yiwayini lobufebe baso.”
Isilo owasibonayo sasikhona, kodwa asisekho; sizakwenyuka, siphuma kwalasha, siye ekubhujisweni. Laba abakhileyo emhlabeni, abamagama abo engalotshwanga encwadini yokuphila, kusukela kwasekelwa umhlaba, lapho bebona ukuthi isilo kanti sasikhona, kepha asisekho, sisazobuye sibe khona, bayakumangala.
Ngase ngibona ingelosi yehla ezulwini, esandleni sayo iphethe isihluthulelo sakwalasha neketango elikhulu esandleni sayo.