Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




IsAmbulo 2:20 - IsiZulu 2020

“ ‘Kepha enginakho okungihluphayo ngawe, ukuthi uvumela owesifazane uJezebheli, lo ozibiza ngomphrofethikazi, ukuba afundise, adukise izinceku zami ukuze zifebe, futhi zidle okuhlatshelwe izithombe.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

“Kepha nginalokhu ngawe ukuthi uvumela owesifazane uJezabeli ozisho ukuthi ungumprofethikazi, afundise, adukise izinceku zami ukuba zifebe, zidle okuhlatshelwe izithombe;

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Kodwa ngilezinto ezinlutshwana ngawe, ukuthi uvumela owesifazana uJezebeli, ozibiza ngokuthi ungumprofethikazi, ukufundisa lokuduhisa inceku zami ukuthi ziphinge lokuthi zidle okuhlatshelwe izithombe.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Kodwa ngilezinto ezinlutshwana ngawe, ukuthi uvumela owesifazana uJezebeli, ozibiza ngokuthi ungumprofethikazi, ukufundisa lokuduhisa inceku zami ukuthi ziphinge lokuthi zidle okuhlatshelwe izithombe.

Uka jalj uñjjattʼäta



IsAmbulo 2:20
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi uma ebona kulula kuye ukulandela izono ezazenziwa nguJerobhowamu, indodana kaNebhathi, wathatha uJezebheli, indodakazi ka-Ethibhali, inkosi yaseSidoni, waba ngumkakhe. Wahamba wayokhonza uBhali, wakhuleka kuye.


Wayesethi u-Eliya kuye: “Ungesabi; hamba wenze njengokusho kwakho, kodwa yenzela mina kuqala iqebelengwane elincane, ulilethe kimi, andukuba uzilungiselele wena nendodana yakho.


Uyophuza emfudlaneni, Mina ngiyale amagwababa ukuba akondle lapho.”


Kwathi ukuba uJoramu ambone uJehu, wayesethi: “Uze ngokuthula yini, Jehu na?” Wathi: “Ukuthula kwani, kusekuningi kangaka ukufeba nokulumba kukanyoko uJezebheli?”


Uyakuyibhubhisa indlu ka-Ahabi, inkosi yakho, ukuze ngiphindiselele igazi lezinceku zami, abaphrofethi, negazi lezinceku zonke zikaSimakade elachithwa yisandla sikaJezebheli.


Awuyukwenza isivumelwano nabantu balelo lizwe. Kuyothi lapho bephinga nonkulunkulu babo, bebahlabela imihlatshelo, omunye kubo akumeme, bese udla umhlatshelo wakhe;


“Wena ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho kumadodakazi abantu bakini, umelane nawo, abaphrofetha okuvela enhliziyweni yawo, bese uphrofetha kuwo.


Kepha masibalobele ukuba bayeke amanyala ezithombe, nawobufebe, nawokudla inyama yesilwane esiklinyiwe, nokusenegazi.


ukuba niyeke okuhlatshelwe izithombe, okunegazi, nenyama yesilwane esiklinyiweyo, nobufebe; uma nizithiba kulokho niyokuba nenza kahle. Salani kahle.”


Kepha uma kukhona othi kini: “Lokhu kuhlatshelwe izithombe,” ningalokothi nikudle ngenxa yalowo osho kanjalo nangenxa kanembeza.


“ ‘Kepha nginokumbalwa okungihluphayo ngawe, kukhona labo ababambelele emfundisweni kaBhalami owafundisa uBhalaki ukuba abeke isikhubekiso phambi kwabantu bakwa-Israyeli ukuba badle okuhlatshelwe izithombe nokuthi bafebe.


“ ‘Kepha ngihlushwa yilokhu ngawe, ukuthi usululahlile uthando lokuqala.