Olungileyo uyobambelela endleleni yakhe, onezandla ezihlanzekileyo uyakukhula emandleni.
IsAmbulo 2:19 - IsiZulu 2020 ngiyayazi imisebenzi yakho, uthando, ukukholwa, ukukhonza nokubekezela kwakho, nokuthi imisebenzi yakho yokugcina miningi kuneyokuqala. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngiyayazi imisebenzi yakho, nothando, nokukholwa, nokukhonza, nokubekezela kwakho, nokuthi imisebenzi yakho yokugcina miningi kuneyokuqala. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngiyayazi imisebenzi yakho, nothando, nokukhonza, nokukholwa, nokubekezela kwakho, nemisebenzi yakho; futhi abokugcina babe baningi kunezokuqala. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngiyayazi imisebenzi yakho, nothando, nokukhonza, nokukholwa, nokubekezela kwakho, nemisebenzi yakho; futhi abokugcina babe baningi kunezokuqala. |
Olungileyo uyobambelela endleleni yakhe, onezandla ezihlanzekileyo uyakukhula emandleni.
Indlela yabalungileyo injengokukhanya kokusa okuqhubeka kukhanye kuze kube semini.
Yilelo nalelo gatsha elikimi, elingatheli izithelo, uyalisusa. Kepha yilelo nalelo elithela izithelo, uyalithena ukuze lithele kakhulu.
Kepha lapho uThimothewu esefikile kithi, evela kini, wasibikela izindaba zokukholwa ezihlabahlosile, nothando lwenu, nokuthi ukusikhumbula kwenu kuhle njalo, futhi niyalangazelela ukusibona, njengokuba nathi sifisa ukunibona.
Simelwe ukumbonga njalo uNkulunkulu ngani bazalwane, njengokuba kufanele, ngokuba ukukholwa kwenu kuyanda kakhulu, kanjalo futhi luyanda nothando lwenu nonke enithandana ngalo omunye nomunye.
Kepha umgomo womyalo wuthando oluvela enhliziyweni ehlanzekileyo, nakunembeza omuhle, nasekukholweni okungazenzisiyo.
Kunalokho yibani nokuthandana okungapheliyo, ngokuba uthando lusibekela inqwaba yezono.
Kepha khulani emseni nasekwazini iNkosi noMsindisi wethu uJesu Khristu. Kuye makube udumo kusukela manje kuze kube usuku lwaphakade. Amen.
ngiyazi lapho uhlala khona; lapho kukhona isihlalo sobukhosi sikaSathane. Kepha ubambelele egameni lami, awuluphikanga ukholo lwami nasemihleni ka-Antiphase, ufakazi wami owethembekileyo, owabulawa phakathi kwenu lapho kuhlala khona uSathane.
ngiyakwazi ukuhlupheka kwakho nobumpofu bakho, kodwa ube ucebile, nenhlamba yalabo abathi bangabaJuda bengesibo, kodwa beyisinagoge likaSathane.