Uyakuyibhubhisa indlu ka-Ahabi, inkosi yakho, ukuze ngiphindiselele igazi lezinceku zami, abaphrofethi, negazi lezinceku zonke zikaSimakade elachithwa yisandla sikaJezebheli.
IsAmbulo 19:2 - IsiZulu 2020 ngokuba ziqotho, futhi zilungile izehlulelo zakhe, ngokuba usehlulele isifebe esikhulu esonakalisa umhlaba ngobufebe baso, uliphindiselele igazi lezinceku zakhe esandleni saso.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE ngokuba ziqinisile, zilungile izahlulelo zakhe; ngokuba isifebe esikhulu esonakalisa umhlaba ngobufebe baso, uliphindisele igazi lezinceku zakhe esandleni saso.” Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba ziqinisile, zilungile izahlulelo zakhe, ngokuba usahlulele isifebe esikhulu esonakalisa umhlaba ngobufebe baso, waliphindisela igazi lezinceku zakhe esandleni saso. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba ziqinisile, zilungile izahlulelo zakhe, ngokuba usahlulele isifebe esikhulu esonakalisa umhlaba ngobufebe baso, waliphindisela igazi lezinceku zakhe esandleni saso. |
Uyakuyibhubhisa indlu ka-Ahabi, inkosi yakho, ukuze ngiphindiselele igazi lezinceku zami, abaphrofethi, negazi lezinceku zonke zikaSimakade elachithwa yisandla sikaJezebheli.
Ukwesaba uSimakade kungukuhlanzeka, kumi kuze kube phakade. Izehlulelo zikaSimakade ziliqiniso, zilungile zonke.
Wena Simakade unguNkulunkulu wami; ngizokuphakamisa ngilidumise igama lakho, ngokuba wenze izimangaliso ezacetshwa emandulo, ngokwethembeka nangeqiniso.
“ ‘Kepha abehluleli bayakuhlala, bakususe ukubusa kwayo kuqedwe kuphele nya kuze kube phakade.
Impindiselo ingeyami, nokunxephezela kungokwami, lapho unyawo lwabo lushelelela okwesikhashana, ngokuba usuku lwabo lwenhlekelele selusondele, izinto abalungiselelwe zona uyozenza zifike ngokushesha kubo.
“Uyidwala, umsebenzi wakhe uphelele, zonke izindlela zakhe zingukulunga; unguNkulunkulu wokwethembeka ongenakonakala; ulungile, uqotho Yena.
Memezani ngokuthokoza bantu bakhe, nina zizwe, ngokuba uyakuliphindiselela igazi lezinceku zakhe, aziphindiselele kwabamelene naye, ahlambulule izwe lakhe nabantu bakhe.”
Bahlabelela igama likaMose, inceku kaNkulunkulu negama leWundlu, bathi: “Mikhulu, iyamangalisa imisebenzi yakho, Nkosi Nkulunkulu, Somandla; zilungile, ziqinisile izindlela zakho, wena Nkosi yezizwe.
Thokoza ngawo wena zulu, nani bangcwele, nani baphostoli, nani baphrofethi, ngokuba uNkulunkulu uwahlulele, waniphindiselela kuwo.’ ”
Ngokuba zonke izizwe ziliphuzile iwayini lezinkanuko nobufebe balo, amakhosi omhlaba afebe nalo, nabahwebi bomhlaba bacebile ngengcebo yokutamasa kwalo.”
Bamemeza ngezwi elikhulu, bathi: “Kuyoze kube nini, Mbusi ongcwele noqinisileyo, ungehluleli, uphindiselele igazi lethu kulaba abakhileyo emhlabeni na?”