IsAmbulo 19:16 - IsiZulu 2020 Engutsheni yakhe nasethangeni lakhe kulotshwe igama elithi: INKOSI YAMAKHOSI NOMBUSI WABABUSI. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Unegama lilotshiwe engutsheni yakhe nasethangeni lakhe elithi: INKOSI YAMAKHOSI NOMBUSI WABABUSI Baasraak Zulu New Testament Bible Esembathweni sakhe nasethangeni lakhe kunegama lilotshiwe ukuthi: INKOSI YAMAKHOSI, NOMBUSI WABABUSI. Contemporary Zulu Bible 2024 Esembathweni sakhe nasethangeni lakhe kunegama lilotshiwe ukuthi: INKOSI YAMAKHOSI, NOMBUSI WABABUSI. |
Inkosi yamphendula uDaniyeli, yathi: “Ngempela uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu wawonkulunkulu, neNkosi yamakhosi, umambuli wezimfihlakalo, njengalokhu ukwazile ukwambula le mfihlakalo.”
“INkosi iyakuphendula, ithi kubo: ‘Ngiqinisile ngithi kini, njengokuba nakwenza lokho kulaba bafowethu abancane, nakwenza kimi uqobo.’
Ngokuba uSimakade uNkulunkulu wenu unguNkulunkulu wonkulunkulu, neNkosi yamakhosi, uNkulunkulu omkhulu onamandla nowesabekayo, ongakhethi buso bamuntu, nongamukeli ukufunjathiswa.
ngesikhathi ayakubonakaliswa ngaso obongekayo nokunguYena ongaphezu kwakho konke, iNkosi yamakhosi, noMbusi wababusi.
nakuJesu Khristu, ufakazi othembekileyo, izibulo labafileyo nombusi wamakhosi omhlaba. Kuye osithandayo nowasikhulula ezonweni zethu ngegazi lakhe,
Ayakulwa neWundlu; iWundlu liwanqobe, ngokuba liyiNkosi yamakhosi noMbusi wababusi, likanye nabanalo ababiziweyo balo, abakhethiweyo nabathembekileyo.”
“ ‘Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo ngiyakumnika okwemana efihliweyo, ngimuphe itshe elimhlophe, futhi kulotshiwe etsheni igama elisha elingaziwa muntu, kuphela lowo olemukelayo.’