IsAmbulo 19:15 - IsiZulu 2020 Emlonyeni wakhe kwaphuma inkemba ebukhali, ukuze ashaye izizwe ngayo. Uyakuzibusa ngentonga yensimbi, Yena anyathele isikhamo sewayini lentukuthelo yolaka lukaNkulunkulu uSomandla. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Emlonyeni wakhe kwaphuma inkemba ebukhali, ukuze ashaye izizwe ngayo; yena uyakuzibusa ngentonga yensimbi; yena uqobo uyanyathela isikhamo sewayini lentukuthelo yolaka lukaNkulunkulu uMninimandla onke. Baasraak Zulu New Testament Bible Emlonyeni wakhe kuphuma inkemba ebukhali, ukuze ashaye ngayo izizwe, azibusa ngentonga yensimbi, unyathela isikhamo sewayini solaka nolaka lukaNkulunkulu uMninimandla onke. Contemporary Zulu Bible 2024 Emlonyeni wakhe kuphuma inkemba ebukhali, ukuze ashaye ngayo izizwe, azibusa ngentonga yensimbi, unyathela isikhamo sewayini solaka nolaka lukaNkulunkulu uMninimandla onke. |
Kepha uyakwehlulela abampofu ngokulunga, alunqume ngokufaneleyo udaba lwabathobekileyo bomhlaba, uyakushaya umhlaba ngentonga yomlomo wakhe, ababulale ababi ngokuphefumula kwezindebe zakhe.
Indawo yakhe yokushisela ihlelwe kudala, ilungiselwe inkosi; uyenze yajula, yaba banzi, wabeka izinkuni eziningi, nokuphefumula kukaSimakade kunjengomfula wesibabule, kuyakuyithungela ngomlilo.
Fakani isikela, ngokuba isivuno sesivuthiwe; wozani nizogxoba, ngokuba isikhamo sewayini sigcwele, nezimbiza zewayini ziyachichima, impela ububi babo bukhulu.”
Uyophendula izinhliziyo zoyise kubantwana nezinhliziyo zabantwana koyise; funa ngifike ngishaye izwe ngiliqothule.”
Kulapho-ke eyakwambulwa khona lowo ongenamthetho, eyakumqothula ngomoya womlomo wayo iNkosi uJesu, imbhubhise ngokubonakala kwayo mhla ifika.
Wayephethe esandleni sakhe sokunene izinkanyezi eziyisikhombisa, emlonyeni wakhe kwaphuma inkemba ebukhali nhlangothi zombili, ubuso bakhe bukhazimula njengelanga likhanya bha.
Wabeletha umntwana wesilisa ozokwelusa izizwe zonke ngentonga yensimbi. Umntwana wahlwithwa kuye wayiswa kuNkulunkulu nasesihlalweni sakhe sobukhosi.
naye uyakuliphuza iwayini lolaka lukaNkulunkulu elilungisiwe lingaxutshiwe, lathanjiswa esitsheni solaka lwakhe, uyakuhlushwa ngomlilo nesibabule phambi kwezingelosi ezingcwele naphambi kweWundlu.
Kwathi ababesele babulawa ngenkemba eyayiphuma emlonyeni wakhe lowo owayehleli ehhashini, izinyoni zonke zasutha yinyama yabo.
“Nakuyo ingelosi yebandla lasePhergamu loba, ukuthi: “ ‘Usho lokhu onenkemba ebukhali esika nhlangothi zombili, uthi:
Ngakho-ke phendukani, uma kungenjalo, ngizoza kini ngokuphazima kweso, ngilwe nabo ngenkemba yomlomo wami.