ULothi waphuma wakhuluma nabakhwenyana bakwakhe, wathi: “Phuthumani niphume niphele kulo muzi, ngokuba uSimakade uzowubhubhisa.” Kepha bekuzwa lokho bakuthatha njengamancoko nje.
IsAmbulo 18:4 - IsiZulu 2020 Ngase ngizwa elinye izwi livela ezulwini, lithi: “Bantu bami, phumani kulo, ukuze ningahlanganyeli ezonweni zalo, futhi ningehlelwa yizinhlupheko zalo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngase ngizwa elinye izwi livela ezulwini, lithi: “Phumani kulo, bantu bami, ukuze ningahlanganyeli nalo izono zalo, nokuba ningamukeli okwezinhlupho zalo, Baasraak Zulu New Testament Bible Ngase ngizwa elinye izwi livela ezulwini, lithi: “Phumani kuyo, bantu bami, ukuze ningahlanganyeli ezonweni zayo, nokuze ningamukeli okwezinhlupho zayo. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngase ngizwa elinye izwi livela ezulwini, lithi: “Phumani kuyo, bantu bami, ukuze ningahlanganyeli ezonweni zayo, nokuze ningamukeli okwezinhlupho zayo. |
ULothi waphuma wakhuluma nabakhwenyana bakwakhe, wathi: “Phuthumani niphume niphele kulo muzi, ngokuba uSimakade uzowubhubhisa.” Kepha bekuzwa lokho bakuthatha njengamancoko nje.
Phumani eBhabhele nibalekele amaKhaledi; kumemezeleni lokho ngezwi lokujabula, nikuzwakalise, nikuphumisele nasemikhawulweni yomhlaba, nithi: “USimakade uyihlengile inceku yakhe, uJakobe.”
Hambani, hambani, phumani lapho! Ningathinti lutho olungcolileyo, phumani phakathi kwalo, zihlambululeni, nina eniphatha izitsha zikaSimakade.
“Balekani eBhabhele, niphume ezweni lamaKhaledi, hambani, nifane nezimpongo zihola umhlambi.
“Phumani kulo, bantu bami, kube yilowo nalowo asindise impilo yakhe olakeni lukaSimakade oluvuthayo.
Nina eniphunyuke enkembeni, hambani, ningami; khumbulani uSimakade nikwelikude izwe, nicabange ngeJerusalema.
“Balekani eBhabhele, kube yilowo nalowo asindise impilo yakhe, ningabhujiswa ngenxa yokona kwalo, ngokuba yisikhathi sempindiselo kaSimakade, uyakuphindisela kulo.
“Ngabe silelaphile iBhabhele, kodwa alelapheki, lishiyeni, masihambe, kube yilowo nalowo aye ezweni lakubo, ngokuba ukwehlulelwa kwalo kufinyelela ezulwini, kuphakanyiselwe nasemafini.
Nithi: ‘Ukuba sasikhona emihleni yobaba, sasingayukuhlanganyela nabo ekuchitheni igazi labaphrofethi.’
Ngakho-ke: “Phumani phakathi kwabo, nehlukane nabo,” kusho iNkosi. “Ningathinti okungcolileyo; khona ngiyakunamukela,
Ungaxhamazeli ubeke izandla kunoma ngubani, futhi ungahlanganyeli ezonweni zabanye, kodwa uhlale umsulwa.