IsAmbulo 18:11 - IsiZulu 2020 “Nabahwebi bomhlaba bayakhala, bayalililela, ngokuba akusekho muntu othenga impahla yabo: IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Nabathengisi bomhlaba bayalikhalela, balililele, ngokuba impahla yabo ayisathengwa muntu, Baasraak Zulu New Testament Bible Abathengisi bomhlaba bayakulila, balikhalele; ngoba akusekho muntu othenga impahla yabo. Contemporary Zulu Bible 2024 Abathengisi bomhlaba bayakulila, balikhalele; ngoba akusekho muntu othenga impahla yabo. |
IBhabhele, udumo lwemibuso, igugu nokuzigqaja kwamaKhaledi, liyofana neSodoma neGomora lapho uNkulunkulu elichitha.
Zinjalo-ke kuwe lezo zinto obuzikhandlekela, ebezihambisana nawe kwasebusheni bakho, yileyo naleyo iyazulazula endleleni yayo, ayisekho engakusiza.”
Amalunga aseGebhali nezihlakaniphi zakhona babekuvala izimfa. Yonke imikhumbi yasolwandle namatilosi ayo babe kuwe ukuba bahwebe ngempahla yakho.
Khihlani isililo nina enihlala eMothari, ngokuba bonke abantu abahwebayo bayakubhujiswa, bonke abahweba ngesiliva bayakuqothulwa.
Noma ngabe yisiliva labo noma yigolide labo akuyukuba namandla okubahlenga ngosuku lolaka lukaSimakade. Umhlaba wonke uyakungqongqiswa ngumlilo womhawu wakhe, ngokuba uyakuqeda nya, impela abaqothule ngokuphazima kweso bonke abakhileyo emhlabeni.”
“Kepha bakushaya indiva lokho, bahamba; omunye waya ensimini yakhe, omunye waya lapho ayethengisela khona.
Wathi kulabo abathengisa ngamajuba: “Susani lokhu lapha, ningayenzi indlu kaBaba ibe yindlu yokuthengiselana.”
futhi ngenxa yobugovu babo, bayakunihlukumeza ngamazwi obuqili. Ukulahlwa kwabo okwamenyezelwa kusukela emandulo akulibali, nokubhujiswa kwabo akozeli.
Abahwebi balezi zinto, abaceba ngokuhwebelana nalo, bayakumela kude ngenxa yokwesaba ukuhlupheka kwalo, bekhala, belila,
Thokoza ngawo wena zulu, nani bangcwele, nani baphostoli, nani baphrofethi, ngokuba uNkulunkulu uwahlulele, waniphindiselela kuwo.’ ”
ukukhanya kwesibani akuyukubuye kukhanye kuwe, izwi lomyeni nelomlobokazi alisoze laphinda lizwakale kuwe, ngokuba abahwebi bakho babengabadumile emhlabeni, futhi udukisile izizwe zonke ngokuthakatha kwakho,
Ngokuba zonke izizwe ziliphuzile iwayini lezinkanuko nobufebe balo, amakhosi omhlaba afebe nalo, nabahwebi bomhlaba bacebile ngengcebo yokutamasa kwalo.”
“Amakhosi omhlaba, lawo ayefeba atamasa nalo, ayakukhala alile ngenxa yalo, lapho ebona intuthu yalo lisha.