IsAmbulo 17:15 - IsiZulu 2020 Yayisithi kimi: “Amazwi owabonileyo lapho bekuhleli khona isifebe, ngabantu, izixuku, izizwe nezilimi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Yayisithi kimi: “Amanzi owabonayo, lapho sihlezi khona isifebe, angabantu, nezixuku, nezizwe, nezilimi. Baasraak Zulu New Testament Bible Yathi kimi: “Amanzi owawabonayo, lapho sihlezi khona isifebe, ayizizwe, nezixuku, nezizwe, nezilimi. Contemporary Zulu Bible 2024 Yathi kimi: “Amanzi owawabonayo, lapho sihlezi khona isifebe, ayizizwe, nezixuku, nezizwe, nezilimi. |
Usho kanje uSimakade, uthi: “Bheka, amanzi ayenyuka enyakatho, azakuba ngumfula okhukhulayo, azokhukhula izwe nokukulo, umuzi nabakhe kuwo. Abantu bayakukhala; bonke abakhe ezweni bayakukhala, bakhihle isililo.
Wena ohlala ngasemanzini amaningi, nonengcebo eningi; isiphetho sakho sesifikile, isikhathi sokunqanyulwa kwempilo yakho njengomucu.
Ngokuba uSimakade uyalibhubhisa iBhabhele, awuqede umsindo omkhulu kulo. Amaza alo ahlokoma njengamanzi amaningi, kuzwakala nomsindo wokuhlokoma kwawo.
Amanzi awukhulisa, izinzulu zemithombo zawuphakamisa. Imifula yawo yayigeleza nxazonke lapho utshalwe khona; yayisithumela imifudlana yayo kuzo zonke izihlahla zasendle.
Zase zithi kimi: “Kufanele ukuba uphrofethe futhi ngabantu abaningi, izizwe, izilimi, namakhosi.”
Abanye kubantu, imindeni, izilimi, nabezizwe bayakuzibona izidumbu zabo izinsuku ezintathu nengxenye, bengavumi ukuba izidumbu zabo zingcwatshwe.
Kwase kuza enye yezingelosi eziyisikhombisa ezaziphethe izitsha eziyisikhombisa, yakhuluma nami, yathi: “Woza, ngikutshengise ukwehlulelwa kwesifebe esikhulu esihleli phezu kwamanzi amaningi,
Ahlabelela iculo elisha, elithi: “Ufanele Wena ukuyithabatha incwadi, nokuqaqa izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wabathengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuyo yonke imindeni, izilimi, abantu, nezizwe.