IsAmbulo 16:3 - IsiZulu 2020 Eyesibili yathululela isitsha sayo olwandle, lwase luphenduka igazi elinjengelofileyo, kwafa konke okuphilayo olwandle. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Neyesibili yathululela isitsha sayo elwandle; lwase luba yigazi elinjengelofileyo, nakho konke okuzwayo okuphila elwandle kwafa. Baasraak Zulu New Testament Bible Eyesibili yathululela isitsha sayo olwandle; kwaba njengegazi lomuntu ofileyo, futhi yonke imiphefumulo ephilayo yafa elwandle. Contemporary Zulu Bible 2024 Eyesibili yathululela isitsha sayo olwandle; kwaba njengegazi lomuntu ofileyo, futhi yonke imiphefumulo ephilayo yafa elwandle. |
Waphendula imifula yabo yaba yigazi, ukuze bangakwazi ukuphuza emithonjeni yabo.
Ngiyakukwehlulela ngesehlulelo seziphingikazi nesabachithi begazi, ngehlisele phezu kwakho igazi lolaka nomhawu.
Ngakho-ke abalamukelayo izwi lakhe babhabhadiswa, kwanezelelwa ngalolo suku abantu okungathi bayizi-3 000.
iphethe esandleni sayo incwadi encane evuliweyo. Yayisibeka unyawo lwayo lwesokunene phezu kolwandle, kwathi olwesokhohlo yalubeka phezu kwezwe,
Laba banamandla okuvala izulu ukuba lingani ngezinsuku lapho bephrofetha, futhi banamandla phezu kwamanzi ukuba bawaphendule igazi, nokushaya umhlaba ngezinhlupheko eziningi, noma nini lapho bethanda ukwenzenjalo.
Ngase ngibona kukhuphuka isilo olwandle, sinezimpondo ezilishumi namakhanda ayisikhombisa, ezimpondweni zaso kukhona imiqhele elishumi, emakhanda aso kunamagama ahlambalazayo.