Kwathi ukuba uJesu awemukele uviniga, wayesethi: “Kufeziwe;” wagebisa ikhanda, wafa.
IsAmbulo 16:17 - IsiZulu 2020 Eyesikhombisa yathululela isitsha sayo emoyeni, kwase kuphuma izwi elikhulu ethempelini esihlalweni sobukhosi lithi: “Sekwenzekile!” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Eyesikhombisa yayisithululela isitsha sayo emoyeni; kwase kuphuma izwi elikhulu ethempelini esihlalweni sobukhosi, lithi: “Sekwenzekile.” Baasraak Zulu New Testament Bible Eyesikhombisa yathululela isitsha sayo emoyeni; kwavela izwi elikhulu ethempelini lasezulwini, livela esihlalweni sobukhosi, lithi: “Sekwenzekile.” Contemporary Zulu Bible 2024 Eyesikhombisa yathululela isitsha sayo emoyeni; kwavela izwi elikhulu ethempelini lasezulwini, livela esihlalweni sobukhosi, lithi: “Sekwenzekile.” |
Kwathi ukuba uJesu awemukele uviniga, wayesethi: “Kufeziwe;” wagebisa ikhanda, wafa.
lezi enanikade nihamba kuzo ngokwendlela yaleli lizwe, ngokombusi wamandla omkhathi, ongumoya osebenza kubantwana bokungalaleli,
Ngokuba asibambene negazi nenyama, kodwa sibambene nemibuso, namandla, nababusi bezwe balobu bumnyama, nabomoya bobubi emkhathini.
Ingelosi yesikhombisa yabetha icilongo; kwase kuzwakala amazwi ahlokomayo ezulwini ethi: “Umbuso wezwe usungoweNkosi yethu nokaKhristu wayo; iyakubusa kuze kube phakade naphakade.”
Kwase kuvulwa ithempeli likaNkulunkulu elisezulwini, kwabonakala umphongolo wesivumelwano sakhe ethempelini lakhe. Kwaba khona imibani, ukuhlokoma kwamazwi, ukuduma, ukuzamazama komhlaba nesichotho esikhulu.
Enye ingelosi yaphuma ethempelini, imemeza ngezwi elikhulu, ithi kohleli phezu kwefu: “Sebenzisa isikela lakho, uvune, ngokuba isikhathi sokuvuna sesifikile, futhi isivuno somhlaba sesilungile.”
Enye ingelosi yaphuma futhi ethempelini elisezulwini, nayo iphethe isikela elibukhali.
Ngase ngizwa izwi elikhulu livela ethempelini, lithi kuzo izingelosi eziyisikhombisa: “Hambani nithululele emhlabeni izitsha eziyisikhombisa zolaka lukaNkulunkulu.”
Wayesethi kimi: “Sekwenzekile. Ngingu-Alfa no-Omega, ukuqala nokugcina. Owomileyo ngiyakumphuzisa ngesihle emthonjeni wamanzi okuphila.