U-Eliya, umThishibhi owayengomunye wababegogobele kwaGileyadi, wathi ku-Ahabi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaNkulunkulu ka-Israyeli engimi phambi kwakhe, akuyukuba khona mazolo namvula kule minyaka, kuze kusho mina.”
IsAmbulo 11:6 - IsiZulu 2020 Laba banamandla okuvala izulu ukuba lingani ngezinsuku lapho bephrofetha, futhi banamandla phezu kwamanzi ukuba bawaphendule igazi, nokushaya umhlaba ngezinhlupheko eziningi, noma nini lapho bethanda ukwenzenjalo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Banamandla laba okuvala izulu ukuba lingani ngezinsuku zokuprofetha kwabo, futhi banamandla phezu kwamanzi okuwaphendula igazi nawokushaya umhlaba ngezinhlupho zonke, noma kungaba kangaki ngokuthanda kwabo. Baasraak Zulu New Testament Bible Laba banamandla okuvala izulu ukuze lingani ngezinsuku zokuprofetha kwabo, futhi banamandla phezu kwamanzi okuwaphendula abe yigazi, futhi ashaye umhlaba ngazo zonke izinhlupho, noma nini ngokuthanda kwabo. Contemporary Zulu Bible 2024 Laba banamandla okuvala izulu ukuze lingani ngezinsuku zokuprofetha kwabo, futhi banamandla phezu kwamanzi okuwaphendula abe yigazi, futhi ashaye umhlaba ngazo zonke izinhlupho, noma nini ngokuthanda kwabo. |
U-Eliya, umThishibhi owayengomunye wababegogobele kwaGileyadi, wathi ku-Ahabi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaNkulunkulu ka-Israyeli engimi phambi kwakhe, akuyukuba khona mazolo namvula kule minyaka, kuze kusho mina.”
Kepha impela ngithi kini: ngezinsuku zika-Eliya kwakukhona abafelokazi abaningi kwa-Israyeli; izulu lomisile iminyaka emithathu nezinyanga eziyisithupha; kwaba khona indlala enkulu ezweni lonke.
Ngiyakubanika igunya ofakazi bami ababili ukuba baphrofethe izinsuku eziyi-1 260, bembathiswe indwangu eyisaka.”
Eyesibili yathululela isitsha sayo olwandle, lwase luphenduka igazi elinjengelofileyo, kwafa konke okuphilayo olwandle.
Eyesithathu yathululela isitsha sayo emifuleni nasemithonjeni yamanzi, kwase kuphenduka igazi.
Ingelosi yesibili yabetha icilongo; kwaba sengathi intaba enkulu ivutha umlilo, yaphonswa olwandle. Okwesithathu kolwandle kwaphenduka igazi,
Maye kithi! Ngubani oyosihlenga esandleni salaba onkulunkulu abanamandla na? Yibo labo nkulunkulu abashaya abaseGibhithe ngalo lonke ubhubhane ehlane.