Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




IsAmbulo 11:4 - IsiZulu 2020

Labo bayiminqumo emibili nezinti zezibani ezimbili ezimi phambi kweNkosi yomhlaba.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Labo bayiminqumo emibili nezinti zezibani ezimbili ezimi phambi kweNkosi yomhlaba.

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Laba bayiminqumo emibili nezinti zezibani ezimbili ezimi phambi kukaNkulunkulu womhlaba.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Laba bayiminqumo emibili nezinti zezibani ezimbili ezimi phambi kukaNkulunkulu womhlaba.

Uka jalj uñjjattʼäta



IsAmbulo 11:4
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Eliya, umThishibhi owayengomunye wababegogobele kwaGileyadi, wathi ku-Ahabi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaNkulunkulu ka-Israyeli engimi phambi kwakhe, akuyukuba khona mazolo namvula kule minyaka, kuze kusho mina.”


Kepha mina ngifana nesihlahla somhlwathi esiluhlaza, endlini kaNkulunkulu. Ngethembele emseni kaNkulunkulu kuze kube phakade.


Ngalolo lusuku ngiyakulehlukanisa iGosheni lapho kuhlala khona abantu bami, akuyukuba bikho zinkumbi zezibawu khona, ukuze wazi ukuthi Mina Simakade ngikuleli lizwe.


Ngokuba uMenzi wakho ungumyeni wakho, nguSimakade Wamabandla, igama lakhe; oNgcwele ka-Israyeli onguMhlengi wakho, obizwa ngokuthi nguNkulunkulu womhlaba wonke.


USimakade wabiza igama lakho ngokuthi umnqumo oluhlaza obukekayo, onezithelo ezinhle. Kepha ngomsindo wesiphepho esikhulu, uyakuphemba umlilo kuwo, kuphuke amagatsha awo.


Sukuma ubhule, ndodakazi yaseZiyoni, ngokuba ngiyakwenza uphondo lwakho lube yinsimbi, nezinselo zakho ngizenze zibe yithusi; uyakuqothisisa izizwe eziningi.” Uyakwethula inzuzo yazo nomcebo wazo kuSimakade, iNkosi yomhlaba wonke.


“Akukho muntu othi angokhela isibani asibeke ekusithekeni, phansi kwesitsha, kodwa usifaka othini ukuze abangenayo babone ukukhanya.


Ngakho-ke lindani, nikhuleke ngezikhathi zonke ukuze nikwazi ukuphunyuka kukho konke lokhu okuzakukwenzeka, nokuba nime phambi kweNdodana yomuntu.”


Kepha uma amanye amagatsha anqunywa, kwase kuthi wena oyigatsha lesihlahla somnqumo wasendle wafakwa phakathi kwawo ukuze uhlanganyele engcebeni yempande yomnqumo;


Ngaleso sikhathi uSimakade wehlukanisa isizwana sakwaLevi ukuba sithwale umphongolo wesivumelwano sikaSimakade, nokuba sime phambi kukaSimakade ukumkhonza nokubusisa egameni lakhe, kuze kube namuhla.


Imfihlakalo yezinkanyezi eziyisikhombisa ozibonileyo esandleni sami sokunene, nezinti zegolide zezibani eziyisikhombisa, yile: izinkanyezi eziyisikhombisa yizingelosi zamabandla ayisikhombisa, kuthi izinti zegolide zezibani eziyisikhombisa zingamabandla ayisikhombisa.”