Ngokuba njengokuphakama kwezulu phezu komhlaba, unjalo umusa wakhe phezu kwabamesabayo.
IsAmbulo 11:18 - IsiZulu 2020 izizwe zathukuthela, kwase kufika ulaka lwakho, nesikhathi sokwehlulelwa kwabafileyo, nokunika izinceku zakho umvuzo, abaphrofethi nabangcwele nabesaba igama lakho, abancane nabakhulu, nokubhubhisa ababhubhisa umhlaba.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE nezizwe zazinolaka, kepha kwafika ulaka lwakho, nesikhathi sokwahlulelwa kwabafileyo, nokunika umvuzo izinceku zakho, abaprofethi nabangcwele nabesabayo igama lakho, abancane nabakhulu, nokubhubhisa ababhubhisa umhlaba.” Baasraak Zulu New Testament Bible Izizwe zathukuthela, kwasekufika ulaka lwakho, lesikhathi sabafileyo esokwahlulelwa, lokuthi unike umvuzo inceku zakho abaprofethi, labangcwele, lalabo abesaba ibizo lakho, abancinyane. futhi mkhulu; futhi kufanele abhubhise labo ababhubhisa umhlaba. Contemporary Zulu Bible 2024 Izizwe zathukuthela, kwasekufika ulaka lwakho, lesikhathi sabafileyo esokwahlulelwa, lokuthi unike umvuzo inceku zakho abaprofethi, labangcwele, lalabo abesaba ibizo lakho, abancinyane. Futhi mkhulu; futhi kufanele abhubhise labo ababhubhisa umhlaba. |
Ngokuba njengokuphakama kwezulu phezu komhlaba, unjalo umusa wakhe phezu kwabamesabayo.
INkosi ingakwesokunene sakho, iyakuchoboza amakhosi ngosuku lwentukuthelo yayo.
Impela insindiso yakhe iseduzane nabamesabayo, ukuze inkazimulo yakhe ihlale ezweni lakithi.
Nasi isiphetho sendaba, lapho konke sekuzwakele: mesabe uNkulunkulu, ugcine imiyalelo yakhe, ngokuba lokho kungokwabantu bonke.
Noma isoni singona kaningi, siphile isikhathi eside, nokho ngiyazi ukuthi kuzobahambela kahle abamesabayo uNkulunkulu, ngoba bahamba ngokwesaba phambi kwakhe.
Iyakwethuswa yimibiko evela empumalanga nasenyakatho; iyakuphuma ngokufutheka okukhulu ukwenzakalisa nokubhubhisa abaningi.
“ ‘Kepha abehluleli bayakuhlala, bakususe ukubusa kwayo kuqedwe kuphele nya kuze kube phakade.
Ngokuhlakanipha kwayo iyakuphumelelisa inkohliso esandleni sayo, izikhulise enhliziyweni yayo, ichithe abaningi ekuthuleni; iyakumelana nesikhulu sezikhulu, ichotshozwe kungengasandla.
Jabulani, nithokoze ngokuba umvuzo wenu mkhulu ezulwini, ngokuba babazingela kanjalo abaphrofethi abanenduleleyo.”
Njengokuba futhi kumisiwe ukuba abantu bafe kanye, emva kwalokho kube ngukwehlulelwa,
Kepha kuyakuthi ngezinsuku lapho ingelosi yesikhombisa isizakubetha icilongo layo, kulapho-ke imfihlakalo kaNkulunkulu iyakube isifeziwe, njengalokhu amemezela ezincekwini zakhe, abaphrofethi, ngezindaba ezijabulisayo.”
Kepha igceke elingaphandle kwethempeli uliyeke, ungalilinganisi, ngokuba linikwe izizwe, nomuzi ongcwele ziyakuwugxobagxoba izinyanga ezingama-42.
Uma uthathwa uyiswa ekuthunjweni, uyakuya ekuthunjweni; uma kukhona obulawa ngenkemba, uyakufa ngenkemba. Lokhu kungukubekezela nokukholwa kwabangcwele.
Senza bonke abancane nabadala, abacebileyo nabampofu, abakhululekileyo nabayizigqila, ukuba babekwe uphawu esandleni sabo sokunene noma ebunzini labo,
naye uyakuliphuza iwayini lolaka lukaNkulunkulu elilungisiwe lingaxutshiwe, lathanjiswa esitsheni solaka lwakhe, uyakuhlushwa ngomlilo nesibabule phambi kwezingelosi ezingcwele naphambi kweWundlu.
Ngase ngibona esinye isibonakaliso ezulwini, esikhulu nesimangalisayo: izingelosi eziyisikhombisa zinezinhlupheko eziyisikhombisa zokugcina, ngokuba ngazo kwase kupheleliswa ulaka lukaNkulunkulu.
Esinye sezidalwa ezine sanika izingelosi eziyisikhombisa izitsha zegolide, zigcwele ulaka lukaNkulunkulu ophilayo kuze kube phakade naphakade.
Yenza kulo lokho elikwenzile, ukuphindaphinde kabili okwemisebenzi yalo; endebeni ebelixubela kuyo, lixubele ngokuphindiwe;
Emlonyeni wakhe kwaphuma inkemba ebukhali, ukuze ashaye izizwe ngayo. Uyakuzibusa ngentonga yensimbi, Yena anyathele isikhamo sewayini lentukuthelo yolaka lukaNkulunkulu uSomandla.
ukuze nidle inyama yamakhosi, inyama yezinduna, inyama yamaqhawe, inyama yamahhashi neyabagibele kuwo, inyama yabo bonke abakhululekileyo neyalabo abayizigqila, abancane nabadala.”
Kwase kuphuma izwi esihlalweni sobukhosi, lithi: “Dumisani uNkulunkulu wethu nonke nina zinceku zakhe, nina enimesabayo, abancane nabadala.”
Ngabona abafileyo, abadala nabancane, bemi phambi kwesihlalo sobukhosi; kwase kuvulwa izincwadi; nenye incwadi yavulwa, okuyincwadi yokuphila. Abafileyo bahlulelwa ngalokho okwakulotshwe ezincwadini njengokwemisebenzi yabo.
Uma ekhona ongafunyaniswanga elotshiwe encwadini yokuphila, waphonswa echibini lomlilo.
“Qaphelani, ngiyeza ngokushesha, ngiphethe umvuzo wami ukuba nginike yilowo nalowo ngokomsebenzi wakhe.