USimakade uNkulunkulu wabumba umuntu ngomhlabathi, wayesemphefumulela ngomoya wokuphila emakhaleni, umuntu waba yisidalwa esiphilayo.
IsAmbulo 11:11 - IsiZulu 2020 Kwathi sekwedlule lezo zinsuku ezintathu nengxenye, umoya wokuphila ovela kuNkulunkulu wangena kubo, bema ngezinyawo zabo, behlelwa ukwesaba okukhulu labo abababonayo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwathi emva kwalezo zinsuku ezintathu nenxenye umoya wokuphila ovela kuNkulunkulu wangena kubo; base bema ngezinyawo zabo, nabababonayo behlelwa ngukwesaba okukhulu. Baasraak Zulu New Testament Bible Emva kwezinsuku ezintathu nenxenye uMoya wokuphila ovela kuNkulunkulu wangena kubo, bema ngezinyawo zabo; ukwesaba okukhulu kwehlela labo abababonayo. Contemporary Zulu Bible 2024 Emva kwezinsuku ezintathu nenxenye uMoya wokuphila ovela kuNkulunkulu wangena kubo, bema ngezinyawo zabo; ukwesaba okukhulu kwehlela labo abababonayo. |
USimakade uNkulunkulu wabumba umuntu ngomhlabathi, wayesemphefumulela ngomoya wokuphila emakhaleni, umuntu waba yisidalwa esiphilayo.
Umuzi uyakuba kimi yigama lokujabula, nodumo, nendumiso kuzo zonke izizwe zomhlaba eziyakuzwa ngakho konke okuhle engibenzela khona. Ziyokwesaba, zithuthumele ngenxa yakho konke okuhle nangakho konke ukuthula engiwenzela khona.’
Kuyakuthi emveni kwalokho abantu bakwa-Israyeli baphenduke, bafune uSimakade uNkulunkulu wabo noDavide inkosi yabo, bayakuzithoba kuSimakade nasebuhleni bakhe ekupheleni kwezinsuku.
Kuthe u-Ananiya ezwa lawo mazwi, waqumbeka phansi, wafa. Bonke abezwa ngalokho behlelwa wukwesaba okukhulu.
Uma-ke uMoya walowo owavusa uJesu kwabafileyo ehlala kini, lowo owamvusa uKhristu uJesu kwabafileyo uyakuyiphilisa nemizimba yenu efayo ngaye uMoya wakhe ohlala kini.
Ngokuba umthetho kaMoya wokuphila okuKhristu uJesu ungikhululile emthethweni wesono nowokufa.
wathi kuzo: “Ngiyazi ukuthi uSimakade uNkulunkulu uninikile leli lizwe nokuthi sonke sigcwele ingebhe ngenxa yenu, nokuthi zonke izakhamuzi zaleli lizwe zinesaba okokufa.
Ngalelo hora kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, kwathi okweshumi komuzi kwawa, kwafa ekuzamazameni komhlaba abantu abayizi-7 000, kwathi abasalayo bashaywa wuvalo, bamdumisa uNkulunkulu wezulu.
Abanye kubantu, imindeni, izilimi, nabezizwe bayakuzibona izidumbu zabo izinsuku ezintathu nengxenye, bengavumi ukuba izidumbu zabo zingcwatshwe.