USimakade kweliphezulu unamandla ukwedlula ukuhlokoma kwamanzi amaningi, nokuduma kwamadlambi olwandle.
IsAmbulo 1:15 - IsiZulu 2020 Izinyawo zakhe zazifana nethusi elikhazimula sengathi lisesithandweni somlilo, izwi lakhe linjengokuhlokoma kwamanzi amaningi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE nezinyawo zakhe zifana nethusi elikhazimulayo sengathi zazishiswe esithandweni, nezwi lakhe linjengenhlokomo yamanzi amaningi; Baasraak Zulu New Testament Bible Izinyawo zakhe zazifana nethusi elicwengekileyo, sengathi zishiswe esithandweni; lelizwi lakhe linjengomsindo wamanzi amanengi. Contemporary Zulu Bible 2024 Izinyawo zakhe zazifana nethusi elicwengekileyo, sengathi zishiswe esithandweni; lelizwi lakhe linjengomsindo wamanzi amanengi. |
USimakade kweliphezulu unamandla ukwedlula ukuhlokoma kwamanzi amaningi, nokuduma kwamadlambi olwandle.
Izizwe zihlokomisa okwamanzi amaningi, kodwa uyakuzijezisa, zibalekele kude, zixoshwe njengamakhoba epheshulwa ngumoya ezintabeni, nanjengothuli lupheshulwa yisiphepho.
Kwathi lapho zihamba ngezwa umsindo wamaphiko azo ufana nomsindo wamanzi amaningi, unjengezwi likaSomandla nanjengomsindo weziqubulo zempi. Kwakuthi lapho zima, ziwehlise amaphiko azo.
Imilenze yazo yayiqondile, amathe ezinyawo zazo efana namathe ezinselo zethole, zazimenyezela njengethusi elicwebezelisiweyo.
Wangiyisa khona; ngabona umuntu osimo sakhe sasinjengesimo sethusi; wayephethe intambo yelineni esandleni sakhe, nohlanga lokulinganisa, emi esangweni.
Bheka, inkazimulo kaSimakade yavela empumalanga, izwi lakhe lezwakala njengokuhaza kwamanzi amaningi, inkazimulo yakhe yawukhanyisa umhlaba.
Umzimba wakhe wawunjengekhrisolithe, nobuso bakhe bunjengokubonakala konyazi, namehlo akhe enjengezibani zomlilo, izingalo zakhe nezinyawo zakhe zinjengokubenyezela kwethusi eliphucuziweyo, nezwi lamazwi akhe linjengezwi lesixuku.
Ngase ngibona enye ingelosi enamandla yehla ivela ezulwini, yembethe ifu, nothingo lwenkosazana luphezu kwekhanda layo, ubuso bayo babunjengelanga, izinyawo zayo zinjengezinsika zomlilo,
Ngase ngizwa izwi livela ezulwini, linjengezwi lokuhlokoma kwamanzi amaningi, nanjengomsindo wokuduma okukhulu. Izwi engalizwa lalifana nokubethwa kwamahabhu, ebethwa ngababethi bawo.
Ngase ngizwa okungathi yizwi lesixuku esikhulu, linjengokuhlokoma kwamanzi amaningi, nanjengezwi lokuduma okunamandla, lithi: “Haleluya! Ngokuba iNkosi uNkulunkulu wethu, uSomandla, iyabusa.
“Kuyo ingelosi yebandla laseThiyathira loba, ukuthi: “ ‘Nakhu okushiwo yiNdodana kaNkulunkulu enamehlo anjengamalangabi omlilo, nezinyawo zayo ezifana nethusi elikhazimulayo, ithi: